Kubulewe ubhongoza wezigebengu

Elmon Tshikhudo

Usomabhizinisi osolwa ngokuthinteka ebugebengwini obuhleliwe e-Thohoyandou ubulawe ngaphandle komuzi wakhe ekuseni ngoMgqibelo.

U-Arnold “Soldier” Mudau ubulawe ngesikhathi imoto yakhe yohlobo lwe-sedan igingqika buqamama nomuzi wakhe e-Tshakhuma ngaphandle kwase-Makhado.

Sekuyiminyaka uMudau elawula iningi lamaqembu obugebengu asebenzela endaweni yase-Thohoyandou ehambisana nozakwabo uNaledzani Munyai, owadutshulwa wabulawa ngoNhlangulana ngonyaka odlule. 

UMunyai wathunjwa emzini wakhe ngabahlaseli abangaziwa, kanti isidumbu sakhe esasigcwele izinhlamvu satholakala ngokushesha sifihlwe ehlathini endaweni ngasemzini wakhe. 

Ngemuva kokuzwakala kwezindaba zokushona kukaMudau, iningi labangani bakhe namalungu omphakathi bagcwale ngaphandle komuzi wakhe belinde ukuqinisekiswa kwalezi zindaba.

Kuthe uma ekugcineni kuvela ukuthi akasekho emhlabeni, kube nokwehlukana kwemibono niengoba abanye bebekhala, abanye bejabula.

UMudau noMunyai kusolwa ukuthi bebedla ngabanikazi bamabhizinisi abangamandiya, bebaphoqa ukuthi bakhokhe imali yokubavikela kanye nokugqekeza imizi yabo.

Ngaphandle kokuba nendawo ebizwa nge-Jerusalem Paradise Restaurant and Pub, uMudau ubenamanye amabhizinisi amaningana, okubalwa indawo edayisa utshwala kanye nenkampani yonogada.

Umndeni kaMudau awutholakalanga ukuthi uphawule kodwa ukhiphe isitatimende futhi ucele ukunikwa isikhathi ukuze bazilele othandiweyo wabo

Okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Limpopo uMike Maringa uqinisekise le ngozi.

“Ingozi ibikwe emaphoyiseni akwa-SAPS kwathi uma befika endaweni yesigameko bathola ukuthi imoto kanye nabagibeli ababili bebengasekho endaweni yesigameko. Umshayeli nomgibeli baphuthunyiswe esibhedlela esizimele,” kusho uMaringa.

Izihloko zakamuva