Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UMandla Nkambule ongumsunguli wophiko olulwa nobugebengu iKurhuleni Thathazonke kanye neYizoyizo Anti-Crime Unit, udutshulwe wabulawa abahlaseli abangaziwa ngesikhathi eshayela eKatlehong, ngasegaraji lakwaSasol, ngoLwesithathu ntambama.
Kubikwa ukuthi abahlaseli abebehamba nge-VW Polo GTI badubule kaningi bebhekise kuye ngaphambi kokuba imoto yabo isuke ngesivinini.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uthe: “Ngezithuba zabo-17:30, umgilwa ubeshayela eKatlehong ngesikhathi abasolwa abebesemotweni ebiseduze kwakhe bevulela ngenhlamvu, uhlulekile ukuyilawula imoto yakhe yashayisa uthango, washonela endaweni yesigameko.
“Sicela noma ngubani ongaba nolwazi olungasisiza ukuthi sithole abasolwa athinte amaphoyisa aseduze noma ashayele iCrime Stop ku-08600 10111.”
UNkambule, owayeyiphoyisa, wayaziwa ngokusiza umphakathi wangakubo ukulwa nobugebengu nokusebenziswa kwezidakamizwa. Amaqembu amaningi endawo alwa nobugebengu asehlangene ukuze athole ababulali.
Inkampani ezimele yophenyo, iTshenolo PI, imemezele umehlokaboni ka-R10 000 konolwazi oluzosiza ukuhlonza ababulali.
UCommander Bush, oyilungu lika Thathazonke, uthe uNkambule waqala uphiko olulwa nobugebengu ngo-2002.
“Ubengumkhuzi wokuqala futhi ehola yonke imisebenzi, ubehlale esitshela ukuthi silandele imithetho,” usho kanje.
“Bambalwa kakhulu abantu abenza lokhu uMandla akwenzela lo mphakathi ngaphandle kokukhokhelwa. Siyazi ukuthi ukufa kwakhe kuhlangene nomsebenzi wakhe wokulwa nobugebengu. Siyabuqonda ubungozi obukhona mihla namalanga uma siphuma emakhaya.”
Esithombeni esingenhla: Imoto abehamba ngayo uMandla Nkambule ngesikhathi ebulawa.
Umthombo: X