Kubulawe uthisha wesikole sokusoka obeyiphara

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UPrince “Popo” Molefe obenguthisha wesikole sokusoka, ushaywe waze washona ngesikhathi ebuyela ekhaya evela ehlathini ngabasolwa abaziwa ngamalungu “e-The Last Battalion”.

Leli qembu elakhelwe ukulwa nokudunwa kwezimoto nabadayisa izidakamizwa liholwa ikhansela lakuWadi 86 uNsizwa Mekgwe ongumshana kaSomlomo wesiShayamthetho sase-Gauteng.

Ngesikhathi begasela ukuze kuqedwe ubugebengu kuthiwa bashaye imilutha befuna ukuboniswa lapho bethenga khona izidakamizwa.

Abahlanu abayimilutha yezidakamizwa bahlaselwe ezindaweni ezahlukene zakuleli lokishi.

Umama kaPopo ososizini uSophia Molefe, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi babiziwe ukuze bezohlonza isidumbu sakhe.

“Ngiye kobheka ikamelo lakhe lokulala ukuze ngiqinisekise ukuthi usebuyile yini ngathola ibhayisikili lakhe linefenisha ngaphandle okukhombisa ukuthi kade ehlanza indlu.

“Bengicabanga ukuthi mhlawumbe ubephume eyothenga izidakamizwa ngoba ubengeke akwazi ukusebenza ngaphandle kokubhema. Simthole elimele kabi, ephuke amathambo elele edamini legazi lakhe,” kusho yena.

Umama ukholelwa ukuthi ukube indodana ihlale ehlathini, ngabe isaphila.

“Yebo, ubesebenzisa izidakamizwa, kodwa ubengatshontsheli muntu; ubesebenza endaweni yokucima ukoma ukuze azithengele izidakamizwa zakhe,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Ubebuye abe nguthisha osezingeni eliphezulu nowethenjwayo kwabasokayo endaweni,” engeza.

Isisulu esisalulama esicele ukuthi igama laso singadalulwa sithe iqulu labantu lingene ngenkani emzini waso, lifuna ukuboniswa lapho sithenga khona izidakamizwa.

“Bebeshintshana ngokusihlasela. Bengithi ngizofela ezandleni zabo. Bebethukuthele futhi begcwele ulaka befuna ukuthi sishaye ama-push up,” esho.

Okhulumela amaphoyisa aseKurhuleni uNeldah Sekgobela ukuqinisekisile ukuthi baphenya amacala okubulala nelokushaya.

Esithombeni esingenhla: UPrince “Popo” Molefe

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva