Kubulawe uthisha esangweni lesikole

Everson Luhanga

Umfundi ubhoke ngolaka wadubula uthisha wakhe we-geography ngemuva kokuthola ukuthi ufeyile izivivinyo zakhe zikamatikuletsheni.

Iphini likathishomkhulu wesikole samabanga aphezulu i-Phomolong e-Tembisa kusolwa ukuthi lidutshulwe amahlandla amahlanu ngumfundi obenza ibanga likamatikuletsheni nabangani bakhe ababili.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu ntambama ngesikhathi uthisha ephuma esangweni lesikole ngemoto yakhe.

Kuqhamuke abafana abathathu abakade behlomile badubula amahlandla amathathu efasiteleni langaphambili.

Ube esezama ukuphuma emotweni yakhe ukuze avike imvula yezinhlamvu, kodwa uwele eduze kwemoto yakhe. 

Omunye umsolwa kuthiwa umdubule kabili ngesikhathi eselele phansi ngaphambi kokuba abaleke endaweni yesigameko.

Abasolwa abazange bathathe nokukodwa emotweni kathisha.

Ozakwabo batshele i-Scrolla.Africa ukuthi lo thisha obeneminyaka engu-50 ubudala ukuthi ubenguthisha okhethekile, obehlonishwa futhi uma efundisa ubehlezi ezihlekela.

“Ubeyisithandwa. Umsebenzi wakhe ubewubeka phambili futhi ubenza isiqiniseko sokuthi abafundi bathola imfundo eyanele ngesifundo abesifundisa,” kusho omunye wozakwabo ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa.

Siyanda isihlava sokuthi othisha balokhu bengena engozini yokuhlaselwa, kusho uzakwabo.

“Izikole kulezi zinsuku zigcwele izidakamizwa nezikhali eziyingozi. Singaphepha kanjani njengothisha?” kubuza omunye uthisha.

UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng, uPanyaza Lesufi, uthe ukhungathekile ngalesi sigameko.

“Uphiko lwethu lwezengqondo luzovakashela isikole ngoMsombuluko, ngomhlaka-24 kuMasingana 2022, ukuyokweluleka nokweseka bonke abathintekile ngalesi sigameko,” ngokusho kwesitatimende.

Okhulumela amaphoyisa ase-Rabie uSayitsheni uDipulelo Moreri uthe uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.

Scrolla World Cup Quiz