Dylan Bettencourt
Umlandeli webhola likanobhutshuzwayo wase-Kenya u-Isaac Juma ushaywe waze washona ngoLwesithathu ebusuku kulandela ingxabano yomndeni, kuqinisekisa umkakhe.
U-Isaac ubaziwa emphakathini wonke webhola lase-Afrika ngokudweba umzimba wakhe ngemibala yeqembu alisekayo, kungakhathalekile ukuthi yiqembu lesizwe lase-Kenya noma amaqembu endawo afana ne-Harambee Stars kanye ne-AFC Leopards.
Unkosikazi wakhe, uFarida Juma, uthe ubulawe ngemuva kwengxabano ebiphakathi kwamalungu omndeni wakhe eyaqala ngesikhathi u-Isaac enqaba ukudayisa ingxenye yomhlaba wakhe.
“Bekusebusuku ngesikhathi umyeni wami ephuma eya endlini yangasese, kanti angazi ukuthi ngiyagcina ukumbona ephila,” kusho uFarida etshela i-Goal.
“Engikuzwile ukukhala kwakhe ngemuva kokugencwa ngabantu abebecashe ngaphandle behlome ngezikhali ezahlukene. Asikwazanga ukumsiza ngendlela abegencwe ngayo,” echaza.
UFarida wengeze ngokuthi ekuqaleni lezi zigilamkhuba zake zamshaya. Sabikwa emaphoyiseni leso sigameko base beyaboshwa abenzi bobubi baphinde badedelwa.
UFarida uthe amaphoyisa azisiwe ngezinsongo ezinodlame ezibhekiswe ku-Isaac, kodwa iziphathimandla zihlulekile ukuthatha izinyathelo.
Abalandeli baye ezinkundleni zokuxhumana beyohlonipha leli qhawe eliwile, elihlale lichitha sonke isikhathi salo lisezinkundleni zemidlalo, lijabule futhi lidansa imizuzu yonke engu-90, kungakhathalekile ukuthi amaphuzu angakanani.
I-Harambee Stars ibhale ekhasini layo laku-Twitter ithi idlulisa amazwi enduduzo emndenini womlandeli wayo wesikhathi eside.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani bomlandeli wethu omkhulu u-Isaac Juma kulandela ukushona kwakhe okubuhlungu izolo ebusuku. Uthando lwakhe lomdlalo belungaqhathaniswa nalutho”.
Ngo-2011, u-Isaac oneminyaka engu-56 ubudala waklonyeliswa ngomklomelo wokuba uSihlalo we-KPL ngeqhaza lakhe lokuthanda ibhola.
Umlandeli webhola ongasekho ushiye emhlabeni izingane ezingu-10 namakhosikazi amabili, uChristina noFarida.
Umthombo wesithombe: @KenyanDigest