Kubulawe owesilisa ngokweba isikhwama

Everson Luhanga

Ngemuva kwamahora ambalwa uKgaugelo Mathabathe obesolwa ngokweba isikhwama somuntu asebenza naye, ubeseshonile – okusolwa ukuthi wathunjwa washaywa wabulawa yilabo ababemsola.

Yize esedlulile emhlabeni, omunye wabasolwa okuthiwa naye umhlaselile uvulele umuntu oshonile icala lokuhlaselwa esiteshini samaphoyisa e-Dennilton e-Limpopo.

Futhi umndeni kamufi ufuna ukuthi amaphoyisa asebenzise imininingwane efanayo enikezwe umsolwa ukuthola umkhondo ngokufa kukaKgaugelo.

Udadewabo kaKgaugelo, uPortia Mathabathe, uthe umfowabo wathunjwa e-Moutse Mall ngeSonto lapho ayesebenza khona njengesisebenzi sasesitolo.

“Umnikazi wesitolo kuthiwa wayalela abantu ukuba bamlethe endaweni yakhe e-Moteti ngase-Dennilton ngemuva kwezinsolo,” esho.

Ngokusho kofakazi abatshela uPortia lolu daba, uKgaugelo wahlaselwa kabi, kodwa ngesikhathi abantu bebiza isithuthi seziguli, abasolwa basixosha.

“Wasala kanjalo equlekile. Ukube isithuthi seziguli sakwazi ukumthatha ngesikhathi sifika okokuqala waya esibhedlela, ngabe usaphila namhlanje,” kusho uPortia.

UPortia uthe abahlali ababone uKgaugelo eshaywa babize amaphoyisa.

Uthe la madoda ngesikhathi ebona imoto yamaphoyisa, ahambe ngesivinini esikhulu.

“Amaphoyisa aphinde abiza isithuthi seziguli wabe esephuthunyiswa esibhedlela e-Philadelphia lapho afike washonela khona,” esho.

Uthe ngesikhathi umndeni uya esiteshini samaphoyisa e-Dennilton kuvulwe idokodo lophenyo, kodwa bashaqeka ngokuthi amaphoyisa ayenedokodo lomfowabo ophenywa ngokushaya.

“Idokodo lithi uKgaugelo ugwaze oyedwa kulaba abebemshaya. Cishe naye ubezivikela,” kusho yena.

UPortia uthe noma ngabe umfowabo untshontshe isikhwama bekungafanele alahlekelwe impilo yakhe.

“Abaphathi besitolo bebengabiza amaphoyisa ambophe,” esho.

Izihloko zakamuva