Kubulawe owesifazane ngemuva kokuhambela umcimbi kaNcibijane

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

● Izakhamuzi zase-Kekana Gardens e-Hammanskraal zikhungathekile ngemuva kokutholwa kwesidumbu sikaKoketso Ramahlo oneminyaka engu-17 ubudala sishe ingxenye ngaphandle komuzi wakubo.
● Amaphoyisa aphenya icala lokubulala, kanti umndeni usola umuntu othile abamaziyo ukuthi uyathinteka.

Izakhamuzi zase-Kekana Gardens e-Hammanskraal zithwele kanzima kulandela ukuvuka isidumbu sikaKoketso Ramahlo sishisiwe salahlwa ngaphandle komuzi wakubo ngoLwesine ekuseni.

Le ntombazane (17), kubikwe ukuthi ilahlekile ngoLwesithathu kade iyogubha emcimbini kaNcibijane endaweni yokucima ukoma.

Kusolwa ukuthi ugcine ukubonakala nowesilisa okusolakala ukuthi yisoka lakhe ebelimshaya ngezikhathi zasekuseni ngoLwesithathu.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa ubabekazi kamufi uLinda Ramahlo uthe nakuba isingezansi sakhe besigcwele amanxeba okusha futhi esesigabeni sokuqala sokubola bakwazile ukumhlonza ngama-braids nezicathulo ebezibekwe eduze komzimba wakhe.

Umndeni ukholelwa ukuthi umuntu ombulele umuntu omaziyo, njengoba isidumbu sakhe esishiye ngaphandle komuzi wakubo.

URamahlo uthe ugcine ukubona umshana wakhe ephila ngezikhathi zasekuseni ngosuku lukaNcibijane.

“Sihlangane emgwaqeni siphuma ephathini, wangicela izikhiye zendlu njengoba amasango abekhiyiwe.

“Umzala wakhe usitshele ukuthi ushintshe izingubo waphinde wahamba.

“Ngimangele ngesikhathi umama wakhe engitshela ukuthi akabuyanga ekhaya futhi kunzima ukumthola,” esho.

Umndeni umthungathe yonke indawo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, isoka lakhe elaziwayo labatshela ukuthi limphelezele besuka endaweni yokucima ukoma lafike lamehlisa endaweni eqhelelene nakubo.

Umndeni unqume ukumfaka njengomuntu olahlekile ezinkundleni zokuxhumana, ufuna usizo lokumthungatha.

“Omunye wabahlali usitshele ukuthi bambone ehamba nowesilisa abebecabanga ukuthi isoka lakhe; ubemshaya ngesikhathi behamba ngale kwelokishi.

“Esikufunayo ukuthi batholakale ababulali baboshwe ukuze bajeze ngokubulala umshana wami ngesihluku,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Gauteng uColonel Dimakatso Nevhuhulwi ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala.

“Okwamanje akekho osaboshiwe kanti amaphoyisa aphenya ngezimo eziholele kulesi sigameko,” usho kanje.

Osesithombeni esingenhla: UKoketso Ramahlo.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva