Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Inyuvesi yase-Fort Hare ikuqinisekisile ukuthi kushone omunye wabasebenzi bayo engozini eyenzeke ngeSonto.
Unogada wePhini likaShansela uSakhela Buhlungu ubeya esikhungweni semfundo ephakeme e-Alice ngesikhathi iveni ligasela emotweni yakhe ngamandla.
Onogada abazibonele ngesikhathi kwenzeka le ngozi bathi umshayeli weveni ohlulekile ukubaleka ngemoto yakhe ebilimele ubaleke ngezinyawo.
Onogada baye bajaha umsolwa bamubamba bamyisa esiteshini samaphoyisa eKing Williams Town.
Kuthiwa unogada olimele ubengufakazi oqavile ecaleni lokubulala elibhekene nabantu abahlanu ababhekene necala lokubulala abasebenzi ababili basenyuvesi ngasekuqaleni kwalo nyaka.
Abahlanu basolwa ngokuba ngongqondongqondo ekuhlaseleni abasebenzi basenyuvesi – ababulala umphathi wezokuthutha walesi sikhungo kanye nonogada kasolwazi uBuhlungu bazofaka isicelo sebheyili ngoLwesine.
NgoNhlolanja umzamo wokubulala usolwazi uBuhlungu waphetha ngokushona kukanogada wakhe uMboneni Vesele odutshulwe wabulawa esemotweni kasolwazi.
Obengumphathi wezokuthutha kulesi sikhungo uPetrus Roets udutshulwe wabulawa ngoNdasa futhi kuphinde kwaba nenqwaba yezigameko zokuzama ukubulala abanye abasebenzi basenyuvesi. Usolwazi uBuhlungu uthe okungenani abasolwa abathathu kwabahlanu banobudlelwane obuqinile nenyuvesi.
“Akuyona imfihlo ukuthi uMnu Bongani Peter (omunye wabasolwa) ubeyisikhulu kwezokuthutha e-Fort Hare. Umiswe emsebenzini ngenxa yenkohlakalo futhi uthweswe amacala okubulala amabili. Ubesebenza enyuvesi.
“Kithina kuyihlazo ukuthi omunye wethu oholelwa inyuvesi, osebenza khona nobenemithwalo yemfanelo kuthiwa ubengagcini ngokuntshontsha nokuqola imali yophiko lwezokuthutha kodwa ungungqondongqondo ecaleni lokubulala,” kusho iphini likashansela.
Omunye wabasolwa oyilungu lomkhandlu omele abafundi (SRC) usephenduke usomabhizinisi nomsebenzi wasenyuvesi, kusho amaphoyisa. Ummangalelwa wesithathu oxhumene nenyuvesi wathatha umhlalaphansi eminyakeni emine edlule kodwa waphinde waqashwa uPeter njengomshayeli wephini likashansela.
Esithombeni esingenhla: Abasolwa abahlanu bavele eNkantolo yeMantshi yase-Alice ngomhlaka-11 kuMbasa
Umthombo wesithombe: @LirandzuThemba