Kubulawe kwashiswa abebesolwa ngokuntshontsha izingane

Elmon Tshikhudo

UFiona Matodzi ubehlanganisa iminyaka eyishumi ngeSonto ngomhlaka-28 kuNcwaba futhi abazali bakhe bebehlela ukumenzela iphathi yokugubha iminyaka eyishumi yokuqala emhlabeni.

Kodwa intombazanyana yase-Itsani ngaphandle kwase-Thohoyandou e-Limpopo, ayikwazanga ukugubha usuku lwayo lokuzalwa. Wanyamalala  kusukela ngomhlaka-11 kuNcwaba.

Kusolakala ukuthi wathunjwa esendleleni egodukayo ephuma esikoleni samabanga aphansi e-Dzindi kanti kuze kube manje akakaze abonakale.

UFiona ungomunye wezingane ezine ezathunjwa endaweni yase-Vhembe ngoNcwaba. 

Sekuke kwaqubuka nezigameko zokuzama ukuthumba e-Nzhelele, kanti umphakathi uthi sekwanele manje usulibeka ezandleni zawo lolu daba.

Ngempelasonto amalungu omphakathi e-Nzhelele e-Limpopo ashise imoto yabasolwa ngokuthumba izingane inabasolwa ngaphakathi.

Lokhu kwenzeke ngemuva kwamasonto amathathu abasolwa ngokuthumba izingane belandelwa amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu ngemuva kokuzama ukuhlwitha intombazane enxanxatheleni yezitolo i-Mphephu Plaza.

Babanjwe bashaywa bashiswa emotweni bephakathi.

Kusolwa ukuthi laba besilisa ababili bazame ukuhlwitha ingane enxanxatheleni yezitolo e-Biaba, e-Nzhelele.

Ngesikhathi bezama ugogo owayehamba nentombazane wamemeza ecela usizo nokuyilapho elinye ilungu lomphakathi elinesibindi labajaha khona ngemoto yalo.

Imoto ebalekile ibanjwe buqamama nendawo yesigameko.

Akuphelanga sikhathi esingakanani izakhamuzi bese zihlangene, isixuku esingalawuleki sakhanda ngamatshe sahlasela abasolwa ngezinto ezahlukene bagcina ngokubashisa emotweni yabo.

Izakhamuzi zithi ziphoqeleka ukuthi zihambe lo mzila ngenxa yesibalo sezingane ezidukile.

“Sikhathele singabazali ukubona izingane zethu zinyamalala ezinye zitholakala zihlukumezekile, ezinye sezishonile ezinye zingatholakali.

“Asilutholi usizo emaphoyiseni. Ilobu kuphela ubulungiswa esibufunayo,” kusho ilungu lomphakathi elikhathazekile.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uColonel Malesela Ledwaba usiqinisekisile lesi sigameko.

“Kuvulwe icala lokubamba inkunzi namacala amabili okubulala. Akekho osaboshiwe kuze kube manje uphenyo lusaqhubeka.” 

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele obese-Limpopo ngoMgqibelo uthe ukhathazekile ngezenzo zokuqapha esifundazweni.

“Siyazi ukuthi ukulethwa kwezinsiza zamaphoyisa kufanele kuthuthukiswe, kodwa angeke sikwazi ukuvumela umphalathi ukuzibambela mathupha. Abukho ubulungiswa kulokhu abakwenzile, kodwa izenzo zobugebengu ezizothathelwa izinyathelo.”

Izihloko zakamuva