Kubulawe izithandani ngesihluku

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Izithandani zaseLibode e-Eastern Cape zidutshulwe zabulawa ngempelasonto esigamekweni okukholakala ukuthi singombango wothando.

Ngokusho kwamaphoyisa, u-Oyena Maqwane (16) obefunda umatikuletsheni eVictor Poto Senior Secondary School, kusolakala ukuthi uthole ucingo oluvela kwisoka lakhe, uSiliziwe Mshiyo (18) limcela ukuba bahlangane ngaphandle ezintatha zangoMgqibelo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Welile Matyolo uthe u-Oyena uthole ucingo ngo-2.10 ekuseni, isidumbu sakhe satholwa sinamanxeba okudutshulwa ngaphezulu ngo-5.30 ekuseni.

“Ngo-08:30, isidumbu sowesilisa (18) sitholakale sinamanxeba okudutshulwa emzimbeni ngenhla nangezansi,” kusho uMatyolo.

Uthe imbangela yokubulawa kwabo ayikaziwa okwamanje kanti bayingxenye yophenyo lwamaphoyisa.

Abaholi bomphakathi bakholelwa ukuthi isisusa kungaba ingxabano yothando. 

IMeya yaseNyandeni uViwe Ndamase kanye nenkosi yaseMarhubeni uNkosikazi Nonkqubela Ndamase bathe basashaqekile ngesigameko sokubulawa kwabantu endaweni enezinga eliphansi lobugebengu.

UNdamase uthe: “Sikholelwa ukuthi umbango wothando uyimbangeka yokubulawa kwalaba. Umuntu onomona nohlukumezekile obe nesandla kulokhu. 

“Leli akumele kube yicala elinzima ukuthi amaphoyisa alithole. Ukushesha ukuboshwa kwabo kungangcono ukudambisa uvalo emphakathini.”

USihlalo wesigungu esilawula isikole iVictor Poto, uThandekile Nopitshi uthe isigameko esenzekile sihlukumeze kakhulu umphakathi wesikole.

“USiliziwe waphasa umatikuletsheni ngonyaka odlule. U-Oyena ubengomunye wabafundi abenza kahle kakhulu futhi obezophasa ngamalengiso. Kuyadabukisa ukuthi bashone ngesihluku. Lokhu kushiye umphakathi wesikole ukhungathekile,” kusho uNopitshi.

Esithombeni esingenhla: U-Oyena Maqwane (16) obulawe kanye nesoka lakhe ezintatha zangoMgqibelo.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva