Kubulawe izingane ezintathu esigodini saseLulwane

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UKwanele Gumede (15) u-Ayabonga Khumalo (7)no-Amanda Khumalo (9) babulawa obesanda kuphuma ejele esigodini saseLulwane, eManguzi.

Umkhulu wabo uMnuz Jobe Khumalo uthe babulawe ngesihluku. Umsolwa uboshwe ngamaphoyisa ecashile.

Kubulawe izingane ezintathu kubo eLulwane village, eManguzi enyakatho neKwaZulu-Natal.

Kulesi sigameko kushone uKwanele Gumede (15), u-Ayabonga Khumalo (7) no-Amanda Khumalo (9).

Umkhulu wabo uMnuz Jobe Khumalo uthe namanje usahlukumezekile.

“Wabulala abazukulu bami okwezilwane, izidumbu zabo zisesimweni esihlasimulisa umzimba, sesaba ngisho nokungena endlini ababulawelwe kuyo, angazi ngizosikhohlwa kanjani lesi senzo,” kusho uKhumalo.

Izingane zazizodwa ngesikhathi zibulawa. Umama wabo wayengekho ngenxa yebhizinisi lakhe elincane.

UKhumalo uthe umndeni unemibuzo eminingi ngokuthi inkinga ibiyini ngomsolwa.

Uthe bakholwa wukuthi umama ubezobulawa nezingane zakhe ukube ubesekhaya.

Umsolwa ubalekile kulo muzi ngemuva kwalezi zigameko zokubulala. Umphakathi ushise umuzi wakhe waba umlotha.

Umsolwa ubesanda kuphuma ejele ngemuva kokudonsa isigwebo ngecala lokubulala.

Amalungu omphakathi asavakashele umndeni wakwaKhumalo emzini wawo ukuzokweseka njengoba ubhekene nalesi simo.

Imeya kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude uMnuz Siphile Mdaka uvakashele umndeni ezokhombisa ukweseka.

“Asazi ngempela ukuthi kungani enze isihluku esingaka ezinganeni ezincane, indoda enjani ebulala izingane ezincane kangaka ezingenacala, mina angikholwa, sicela umthetho uthathe indawo yawo,” kusho uMdaka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshunda, uthe umsolwa uboshwe ecashile.

Esithombeni esingenhla: I-tape yamaphoyisa.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva