Kubulawe izigebengu zibamba inkunzi emngcwabeni ngethoyizi lesibhambu.

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abesilisa abathathu bagebenge umngcwabo ePhillipi East, eKapa ngempelasonto, omunye wabasolwa esebenzisa ithoyizi lesibhami ukuthusa abebezilile. 

Umfundisi ubephakathi nentshumayelo yakhe ngesikhathi izigebengu ezintathu zigasela emngcwabeni zaphuca abakuwo imali nomakhalekhukhwini. 

Isakhamuzi, eligodliwe igama laso, sithe: “Ngangazi ukuthi sizofika kulesi sigaba lapho sebeqala ukugebenga amasonto. Uma bengamhloniphi uNkulunkulu, singobani thina ukuthi sihlonishwe yibona?” 

Eqinisekisa isigameko, Andisa Moniwa (45) oyisakhamuzi uthe omunye wabasolwa ubephethe isibhamu sethoyizi. 

“Ilungu lomndeni belihambele umngcwabo. Ngenhlanhla, omunye wabo ubone ukuthi isibhamu yithoyizi. Wabikela abanye base bejaha abasolwa.”

Ababili kubo baphunyukile, kodwa akade besemncwabeni babambe oyedwa wabo. 

“Bamhlasele kwangenelela namalungu omphakathi abengekho emngcwabeni,” kwengeza uMoniwa. 

Kuthe umsolwa eshaywa kwafika iveni yamaphoyisa kodwa noma kubizwe i-ambulensi umsolwa ushone engakafiki esibhedlela.

UMoniwa uyakuqonda ukuthi kungani umphakathi ushaye isigebengu. “Ngeke ngisole abahlali ngokwenza lokho ngoba bakhathele ukwesatshiswa yizigebengu.”

Amaphoyisa aseWestern Cape awakayiphenduli imibuzo ethunyelwe ezinsukwini ezimbili ezedlule.

Isithombe esingenhla: Umngcwabo. 

Umthombo: Stock

Izihloko zakamuva