Kubulawe iphoyisa eKhayelitsha

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UConstable Akholile Ndzingo udutshulwe wabulawa elokishini laseKhayelitsha ngesikhathi kunomkhankaso wokunqanda ubugebengu ngoLwesithathu ebusuku.

UNdzingo (30) ubezinze esiteshini samaphoyisa eKhayelitsha.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uBrigadier Novela Potelwa uthe amalungu ophiko olulwa nobugebengu esiteshini samaphoyisa eKhayelitsha abenomkhankaso wokumisa nokusesha e-Q-Block ngezithuba zabo-9.30 ebusuku ngesikhathi ehlaselwa umsolwa obehlomile.

UKhomishana wamaPhoyisa eWestern Cape, uLieutenant-General Thembisile Patekile uthe azikho izinsiza ezingeke zisetshenziswe ukuze kuboshwe umsolwa.

“Kuyadumaza ukuthi izikhulu zamaphoyisa ezijutshwe ukuletha ukuphepha emiphakathini zizithola zihlaselwa yizigebengu,” kusho uPatekile.

Uthe amaphoyisa asebenza kanzima ukuze abambe umsolwa.

Siphawula ngobugebengu obudlangile kuleli lokishi, isakhamuzi saseKhayelitsha uLuyanda Makwanya uthe ukubulawa kukaNdzingo kuyashaqisa njengoba umphakathi usabhekene necala lokubulawa kwezingane ezintathu endaweni yokugunda izinwele eKhayelitsha ngeSonto.

“Kazi ngubani okusamele abulawe ukuze uhulumeni wethu abone ukuthi lokhu kubucayi kangakanani,” kusho uMakwanya.

Isithombe esingenhla: Iphoyisa elibulewe u-Akholile Ndzingo. 

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva