Kubulawe iphoyisa ebelingekho emsebenzini eshibhini

Lungani Zungu

Iphoyisa ebelingekho emsebenzini beliseshibhini liphuza iziphuzo futhi lidlala i-snooker nabangani ngesikhathi kungena izinkabi zamdubula bebuka bonke abantu. Uphuthunyiswe esibhedlela, lapho ashonele khona ngemuva kwemizuzwana.

USayitsheni uSiyabonga Radebe obengumphathi wezinja zamaphoyisa, ubehlela ukubopha ifindo likasofasilahlane.

Udutshulwe amahlandla amaningi eshibhini lendawo eMlazi kwa-C ngoLwesibili. Ababulali bakhe babaleke ngezinyawo.

Umngani wakhe omkhulu uThabo uthe uRadebe ubehlela ukubopha ifindo likasofasilahlane ngonyaka ozayo futhi ubematasa ekhokhela intombi yakhe ilobolo. Uthe uRadebe, obaziwa kakhulu ngozakwabo ngelikaBaby Police, ubesanda kuthenga indlu esigabeni saseMlazi kwa-E.

Omunye ufakazi obesendaweni yesigameko uthe la madoda amabili agadlile abengabukeki esolisa.

“Angizange ngibanake ngisho nangesikhathi befika kodwa-ke sonke sibalekele ukucasha ngesikhathi sizwa ukuqhuma kwesibhamu,” kusho le ndoda.

Imizamo yokukhuluma nalowo obezoba unkosikazi kaRadebe ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Udadewabo kaThabo, uThandi uthe umndeni uphatheke kabi.

“Ubengenazo izitha. Ubethandwa ngabantu abaningi futhi enabangani abaningi. Ikhanda lami liyazulazula,” kusho yena.

Uthe unethemba lokuthi amaphoyisa azobabamba maduze ababulali bakhe. “Kubuhlungu ngoba ubehlela ukuba nomndeni wakhe, kodwa manje useshonile.”

URadebe ubesebenza eMnyangweni we-K9 Unit eMlazi. Akukacaci ukuthi yini ebangele ukubulawa kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Brenda Muridili uthe sebethathe isinyathelo esisheshayo sokubopha ababulali bakhe.

Ukubulawa kwakhe kwenzeka emasontweni ambalwa nje ngemuva kokubulawa komphathi wesiteshi samaphoyisa saseNdwedwe uLieutenant-Colonel Jabulani Ndawonde obeneminyaka engama-55 owadutshulwa wabulawa e-Bhamshela ngenyanga edlule.

Izihloko zakamuva