Kubulawe amabhungu amane ngenxa yezimpi eseziphenduke imingcwabo

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

  • Kubulawe abafana abane ezimpini ezinodlame e-Mpumalanga Kapa ngoLwezi kuphela.
  • Umufi wakamuva ugencwe ngembazo emcimbini wesintu owandulela ukuyosoka.

Imindeni emine yase-Mpumalanga Kapa izilele amadodana ayo ngemuva kwezimpi ezibulale abafana esifundazweni ngoLwezi.

Isisulu sakamuva ngu-Aphelele Masimini(16) ofunda ibanga lesikhombisa esikoleni samabanga aphezulu i-DM Skosana esigodini saseCala eLanganci.

Ushone ngoLwesihlanu kuMguyo – umbuthano wesintu lapho abafana bebungaza khona ngaphambi kokuba omunye wabo aye esikoleni sokusoka.

Le migubho kwesinye isikhathi iba nodlame uma abafana abancane bephuza utshwala. Nakuba ukulwa ngezinduku kuyingxenye yomkhosi, uma sekuxutshwe notshwala kungabulala.

Kukhona ohlasele u-Aphelele ngembazo ngesikhathi kuliwa kulo mgubho.

Umfowabo osaphuke inhliziyo uLinda uthe u-Aphelele ubengumfana onokuthula ongakaze alwe.

“Indlela ashone ngayo yasishaqisa kakhulu siwumndeni. Ubengumfana onokuthula, bekuyinto yokugcina ebesiyilindele lena. Namanje sisashaqekile,” esho.

Kwesinye isigameko, u-Avile Madikane(15) ushone ngemuva kokuthi abafundi basesikoleni samabanga aphezulu iJali, eQonce, bembhaxabule ngezinduku.

Abanye abafana ababili – u-Atalia Xoki(16) kanye nelinye ibhungu laseMatatiele elingadalulwanga – bangcwatshwe ngoMgqibelo ngemuva kokushaywa baze bashona.

Isishoshovu samalungelo ezingane uMnuz Petros Majola sikhathazekile ngalolu dlame.

“Kuyakhathaza ukuthi njengabazali kufanele singcwabe izingane zethu. Lezi zigameko azinasidingo futhi akufanele zenzeke. Njengabazali kufanele siyisukumele lendaba yalezi zimpi ezinodlame, sikhulisa isizukulwane samadoda. Lokhu akukwazi ukuthi kungaqhubeka nje kunganakwa,” usho kanje.

UMajola uthe amaphoyisa abophe umuntu oyedwa ngecala lokubulala u-Aphelele. Amaphoyisa ase-Mpumalanga Kapa abengakayiphenduli imibuzo ngesikhathi sokushicilela.

Esithombeni esingenhla: u-Aphelele Masimini(16) ubudala obulawe emcimbini wokubungaza ngaphambi kokuya esikoleni sokusoka eCala ngoLwesihlanu olwedlule.

Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva