Kubulawe abaholi ababili be-ANC

Chris Gilili noLungani Zungu

Abaholi ababili be-ANC – oyedwa osogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal omunye e-Tshwane – babulewe esigamekweni okusolwa ukuthi sihlobene nezepolitiki.

E-Ga-Rankuwa uCollen Mpyane onguSihlalo we-ANC esigcemeni sesi-30, udutshulwe wabulawa ngeSonto ehleli emotweni yakhe ngaphandle komuzi kamngani wakhe e-Zone 4.

KwaZulu-Natal, ikhansela le-ANC uMnu Mnqobi Molife udutshulwe washona ngesikhathi amadoda amathathu abehlomile egasela lapho ebehlala khona e-Margate. Amaphoyisa aqinisekise isigameko sokubulala ngoMsombuluko ekuseni.

UMolife ubeyikhansela esigcemeni sesi- 99 eThekwini okuyisifunda esikhulu seqembu. Isihlobo sakhe uMnu Smiso Khuluse uthe umndeni ukhungathekile.

“Siphatheke kabi futhi besingalindele ukuthi engashona ngale ndlela ebuhlungu,” kusho uKhuluse.

UKhuluse uthe bakholwa ukuthi ukubulawa kuhlobene nepolitiki.

“Ubengusopolitiki futhi sikholelwa ukuthi abambulele bagqugquzelwe yizinhloso zezepolitiki.”

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMafika Mndebele ukuqinisekisile ukubulawa kwalaba ababili.

E-Ga-Rankuwa umngani kaMpyane, uWelhemina Maselela ubenaye ngaphambi kokuthi adutshulwe ngaphandle komuzi wakhe. Uthe uMpyane ubengumngani wawo wonke umuntu emphakathini futhi akaqondi ukuthi ubani ongafuna ukumbona eshonile.

UMpyane obelimele kabi uzame ukushayela imoto ahambe ukuya ekhaya kodwa wahluleka ukuyilawula yashayisa uphawu lokuma washonela buqamama nomuzi wakhe. Ubehamba ngemoto yohlobo lwe-Polo ayithenge ngoLwesibili ngesonto eledlule.

UMpyane ubengusihlalo wegatsha le-ANC i-SJJ Lesolang iminyaka engu-15 edlule.

Uphinde waba yilungu lebhodi le-Central Drug Authority, i-George Mukhari Academic Hospital kanye ne-Gauteng Development Agency.

UMpho Tladinyane onguNobhala wegatsha uthe, “Siphatheke kabi ngokudlula emhlabeni kukaMpyane ikakhulukazi ngendlela ashone ngayo. Ubewusebenzela ngempela umphakathi wangakubo emikhakheni eyahlukene. Kubuhlungu ukulahlekelwa nguyena.

“Asifuni ukuqagela ngokubulawa kwakhe, sizodedela amaphoyisa enze umsebenzi wawo. Sixoxisana nomndeni wakhe ukuze sixoxe ngamalungiselelo omngcwabo neminye imininingwane.”

Akekho osaboshiwe ngala macala okubulala.

Izihloko zakamuva