Kubulawe abahola impesheni “esigodini sokufa”

Sandiso Phaliso

Abahola impesheni abayi-11 baphakathi kwabantu abayi-18 asebebulewe ekubulaweni kwabantu okuqale ngoZibandlela ngonyaka owedlule. Futhi akubukeki sengathi kuzoncipha.

Abahlali abathukile esigodini esincane sase-Zingqolweni e-Cacadu, phambilini okwakuyi-Lady Frere, e-Eastern Cape, zicashe ngemuva kweminyango ekhiyiwe.

Ngemuva kokubulawa kwesisulu sesikhombisa ngomhla ziyi-14 kuMbasa amalungu omphakathi abulala amadoda ayisikhombisa ayesola ukuthi yiwona abeyimbangela yokubulala. Abanye babasolwa ababulewe bathungelwa ngomlilo, kwathi abanye balengiswa ngezintambo zikagesi.

Kodwa ukubulawa kwabantu “esigodini sokufa” akuzange kuphele.

Ngobusuku bangomhla ziyisithupha kuNhlaba, kwabulawa abanye abantu besifazane asebekhulile abathathu. Babegenciwe futhi benqunywe uqhoqhoqho.

Mhla zintathu kuNtulikazi isisulu sakamuva – uJongumthetho Dayimani oneminyaka engama-71, utholwe ekhaya lakhe enamanxeba okugwazwa enqunywe noqhoqhoqho.

Lokhu kuletha isibalo sabantu abadala asebebulewe sibe kwabayi-11 kusukela ngoZibandlela ngonyaka owedlule, okudale ukwesaba kokuthi umbulali noma ababulali, baqonde abantu abadala.

Abantu bakulesi sigodi manje balala ngamaqoqo nezihlobo.

Ngokusho kwabaholi bomphakathi, babalelwa kwabangama-50 abantu bakulesi sigodi ababalekile endaweni bebalekela lesi sigodi sokufa.

Kuboshwe labo okusolwa ukuthi babulala intsha eyisikhombisa ngoMbasa okubalwa kubo nekhansela lewadi kumasipala wase-Emalahleni, uHluphekile Bonotyane. Balinde ukuphothulwa kwezicelo zabo zebheyili eNkantolo yeMantshi yase-Lady Frere ngomhla zingama-20 kuNtulikazi.

UBrigadier uTembinkosi Kinana ukuqinisekisile ukubulawa kwabantu futhi uzwakalise ukushaqeka ngokubulawa ngesihluku kukaDayimani ngempelasonto.

Uthe umakhelwane kamufi wezwa izinja zikhonkotha ngaphandle kwathi mayepopola wabona owesilisa ephuma endlini kamufi.

Umholi womphakathi uMziwamadoda Thembeni uthe amaphoyisa awabathatheli enhloko uma bebanikeza imikhondo.

“Umbulali ukhona, ulapha phakathi kwethu,” esho.

“Amaphoyisa kufanele asebenzise yonke imithombo yawo ukubamba noma ngubani obandakanyekayo kulokhu kubulala.”

Izihloko zakamuva