Buziwe Nocuze
Ababili abaphuma emazweni angaphandle babulawe ezindaweni ezimbili ezahlukene zamabhizinisi ngemuva kwezinsolo zokuthi bahlulekile ukukhokha imali yokuvikelwa eKapa ngoMsombuluko ebusuku.
Owesilisa (31) wase-Zimbabwe, udutshulwe endaweni yakhe yokugunda abantu kanti owesilisa (29) wase-Ethiopia, udutshulwe washona esitolo sakhe.
Ufakazi okhulume ne-Scrolla.Africa uthe iqulu lamadoda ligasele emabhizinisini asondelene lafuna imali yokuvikela abanikazi bawo.
Ngesikhathi la madoda etshelwa ukuthi imali ayikho avele avulela ngenhlamvu adubula abulala laba ababili.
“Banezinhliziyo ezimbi ngoba baqoqa le mali kubantu abadayisa izinyawo zenkukhu noma amaswidi emgwaqeni,” kusho ufakazi.
“Abanye abantu banqume ukuyeka ukudayisa inyama nezithelo ngoba bebephoqwa ukukhokha imali yokuvikelwa. Okubuhlungu ukuthi lokhu ngeke kuphele. Abantu basazoqhubeka nokulahlekelwa izimpilo zabo ngoba kunenqwaba yezigebengu eziqoqa imali.”
Kunedlanzana lamaqembu afuna imali yokuvikela kubanikazi bamabhizinisi.
I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi amabhizinisi amancane akhokhiswa u-R1,500 kuya ku-R3,500 nyanga zonke, kuya ngohlobo lwebhizinisi.
Izinkampani zokwakha zikhokhiswa imali engu-R20,000 nyanga zonke.
Umholi womphakathi endaweni uthe bakuthola kunzima ukungenelela kulolu daba ngoba uma bemema abanikazi bezitolo emihlanganweni yabo abezi.
“Besifuna ukubona ukuthi ngeke yini sifinyelele esixazululweni kodwa abazange bawuhambele umhlangano wethu. Mhlawumbe bathatha imiyalelo yezigebengu eziqoqa imali yokubavikela,” kusho lo mholi.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uColonel Andre Traut, ukuqinisekisile ukubulawa kwalaba, wengeza ngokuthi kuzo zombili izigameko inhloso yokubulawa kwabo ayikaziwa.
“Izimo zisaphenywa kanti akukaboshwa muntu.”
Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nalezi zigameko ukuthi athinte i-Crime Stop ku-0860010111.