Kubukeke kuyihlazo ukukhishwa kowayenguMengameli emcimbini wokuvala

Kamogelo Olaitan

OwayenguMengameli wase-China uHu Jintao uhlazekile ngesikhathi ekhishwa emcimbini wokuvala weqembu elibusayo we-Communist Party Congress  ngoMgqibelo.

UHu ubehlezi eceleni kukaMengameli uXi Jinping e-Great Hall of the People, e-Beijing ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Kwividiyo eshicilelwe i-AFP, uHu (79) obukeka ebuthaka ubonakale edidekile ngesikhathi kuza abesilisa ababili begqoke amasudi nezifonyo.

Omunye walaba besilisa ubonakale emdonsa ngengalo yakhe yangakwesokudla ngaphambi kokumkhipha emcimbini.

UHu ukhulume nalaba isikhathi esingaphezu komzuzu ngaphambi kokufinyelela kuXi waphinde wambambatha ehlombe likaNdunankulu uLi Keqiang ngaphambi kokuba akhishwe ehholo.

I-Reuters icaphune abezindaba zombuso bethi: “Manje usengcono kakhulu. UHu ubengazizwa kahle ngesikhathi ekhishwa kungazelelwe emcimbini wokuvala.”

Ukukhishwa kukaHu kwenzeke ngokushesha ngemuva kokuba izintatheli zivunyelwe ukungena ehholo okuyilapho umcimbi obubanjelwe khona kuvaliwe isonto lonke.

“Intatheli yakwa-Xinhuanet uLiu Jiawen ithole ukuthi uHu Jintao uphikelele ekutheni ahambele iseshini yokuvala nakuba ubengaphilile kahle,” kusho isikhungo sezindaba sikahulumeni i-Xinhua ku-Twitter.

“Ngesikhathi engaphathekile kahle phakathi nomcimbi, abasebenzi bakhe  bamphelezele baya ekamelweni eliseduze kwendawo yomhlangano ukuze aphumule. Manje usengcono kakhulu.”

Umthombo wevidiyo :@nytimes

Izihloko zakamuva