Kubukeka sengathi sizoqhubeka sibe ngaphansi kwezinga lesine lomvalelo emasontweni amabili azayo

Dylan Bettencourt

Emasontweni amabili edlule uMengameli uCyril Ramaphosa utshele isizwe ukuthi sizoba ngaphansi kwezinga lesine lomvalelo isikhathi esingamasonto amabili ngenxa yokwenyuka kwezinga lokutheleleka ngokhuvethe ezweni.

Njengoba kuqhubeka ukwanda kokuthelelana ngegciwane, uRamaphosa kulindeleke ukuthi agcine isizwe singaphansi kwezinga lesine lomvalelo lapho ezomemezela khona izinyathelo ezibuyekeziwe yikhabhinethi ngeSonto ebusuku.

Umhlangano we-National Coronavirus Command Council (NCCC) bekufanele ube ngeSonto ngehora le-10 ekuseni. Kube sekuba khona umhlangano womkhandlu noMengameli uRamaphosa ngokuhamba kwesikhathi obubanjwe ngehora le-2.30 ntambama ukudingida ngemikhawulo elungisiwe yezinga lesine.

IKhabhinethi kulindeleke nokuthi inwebe i-National State of Disaster ngenyanga eyodwa.

UDkt Mvuyisi Mzukwa, usekela-sihlalo we-SA Medical Association, utshele i-City Press ukuthi iNingizimu Afrika kumele ihlale ngaphansi kwale mithetho amasonto amabili futhi nezikole akumele zivulwe.

“Asicabangi ukuthi kuwumqondo omuhle ukuthi bavule mhla zi-18 kuNtulikazi. Sicabanga ukuthi kuseseduze kakhulu. Sicabanga nokuthi kufanele siqhubeke nesikhathi esinqunyelwe ukubuyela ekhaya,” kusho uMzukwa.

Isazi sezokwelapha uDkt Aslam Dasoo uthe ngenxa yobunzima uHulumeni anabo ekuphatheni imikhawulo ezifundazweni ezahlukene, singalindela ukuhlala ngaphansi kwemikhawulo elungisiwe yekusasa elibonakalayo nezinguquko ezithile ezincane.

Emahoreni angama-24 edlule, iNingizimu Afrika ibone isibalo sabantu abangama-21,610 abahaqwe igciwane nesibalo sabantu abangama-265 abalahlekelwe impilo yabo ngenxa yaleli gciwane.

Ukukhishwa komuthi wokugoma kuholele ekutheni kugome abantu abayi-21,728 emahoreni angama-24 edlule. Bayi-4,225,021 abantu baseNingizimu Afrika manje asebegomile ngokuphelele, njengoba kuzolandela amaqembu amaningi abantu ukuba bagome.

Umthombo wesithombe: @eNCA

Izihloko zakamuva