Kubukeka sengathi isiyabuya inhlanhla yeChelsea 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Ngemuva kokuwina imidlalo emithathu ilandelana, amahlebezi okuwa kwe-Chelsea azogcine efana nento esiyadlula.

Ngemuva kokuwina umdlalo wabo wokugcina ngomhlaka-15 kuMasingana bedlala ne-Crystal Palace, i-Chelsea njengamanje isiwine imidlalo yayo emithathu kuNdasa.

Yize kubukeka sengathi umphathi wabo uGraham Potter angase ahambe kuleli qembu lase-London, lo mphathi wase-Britain ubukeke ejabulile e-Stamford Bridge.

I-Chelsea ayigcinanga ngokuhlula i-Borussia Dortmund ukuze ingene kuma-quarterfinal e-Uefa Champions League, kodwa iphinde yanqoba imidlalo emibili ye-Premier League.

Okuhle kakhulu ongakuthatha kulokhu kunqoba indlela i-Chelsea ebizimisele ngayo ngesikhathi idlala le midlalo. 

Ngemuva kokusayinisa abadlali abayisishiyagalombili ngewindi likaMasingana, bekungeke kube lula kuPotter ukuthi aphendule bonke abadlali ompetha kodwa ngempelasonto bebhekene ne-Leicester, kubonakale sengathi konke sekuhlangene.

Yize bewine ngamagoli amathathu kwelilodwa enkundleni i-King Power, i-Chelsea ibijabule kakhulu futhi ayizange ibe namashwa okungawatholi amanye amaphuzu.

Ukuhlasela okumangazayo kwe-Chelsea bekuyilokhu iqembu ebelikujahile selokhu kufike uPotter.

Abathathu abadlala phambili uKai Havertz, uJoao Felix kanye noMykhailo Mudryk basebenze kahle kakhulu bakwazi ukwenza umnyakazo baphinde bavalela i-Leicester amathuba okugasela.

Njengoba abathathu abaphambili benza izimanga, umdlali wasesiswini uMatteo Kovavic no-Enzo Fernandez babonakala bengabadlali abakhethekile ukuyisa iqembu empumelelweni.

Owine iNdebe yoMhlaba uFernandez wenze umsebenzi oncomekayo esizwa uHavertz ukunikeza i-Chelsea elinye igoli.

Ngaphandle kokubuya kukaReece James odlala emuva esayidini, i-Chelsea ibukeka isikulungele ukubeka imali yayo lapho umlomo wayo ukhona.

Ukunqoba emidlalweni yabo emibili elandelayo yeligi bedlala ne-Everton kanye ne-Aston Villa, kubeke i-Chelsea endaweni enhle yokuthatha amaphuzu amathathu ibhekene ne-Liverpool ekuqaleni kukaMbasa.

I-Chelsea ihlezi endaweni yeshumi, kodwa ukuwina eminye imidlalo kungasiza iqembu likhuphuke ngokushesha.

Ukuhluleka ukungena ebholeni lase-Europe ngesizini ezayo kubukeka kube isibusiso kuleli qembu lase-London.

Isithombe esingenhla: Ukunqoba kwe-Chelsea ibhekene ne-Leicester City

Umthombo wesithombe: Chelsea

Izihloko zakamuva