Kubukeka kuseningi okusamele kwenziwe awase-Afrika ebholeni

Amaqembu ase-Afrika namanje awakabi nazo izinsiza zokuqhudelana nezinkunzi eNdebeni yoMhlaba, kodwa okungenani asithembe ukuthi sizongena emdlalweni eyandulela owamanqamu, kubhala uMenzi Magubane.

I-Fifa World Cup 2022 isizofika kithina futhi njengomuntu wase-Afrika ngizohlale ngigxile emaqenjini asekhaya. Nokho kuningi okusamele kwenziwe ngamaqembu ethu esizwe uma ezophuma esigabeni samaqoqo, ingasaphathwa eyokuqhudelana namazwe aseNingizimu neMelika nase-Europe ebanga le ndebe.

Amaqembu ase-Afrika ahlale ephansi uma kukhulunywa ngalo mqhudelwano. Alikho iqembu lase-Afrika eselike lafinyelela kowandulela owamanqamu, i-Cameroon, i-Algeria ne-Ghana kube yiwo kuphela amaqembu afinyelele kuma-quarter ngo-1990, no-2002 nango-2010. 

Umuntu unethemba lokuthi okungenani elilodwa kwamaqembu ethu amahlanu afanelekile i-Senegal, i-Cameroon, i-Ghana, i-Morocco ne-Ivory Coast lizokwenza lokho elingakaze likwenze ngaphambi kukaZibandlela ukuze lifinyelele kwamane okugcina.

Nokho ukubona abawine iNdebe yoMhlaba amahlandla ayisithupha i-Brazil ibukisa nge-Ghana kowobungani obuse-France ngesonto eledlule akuzange kubuyise ithemba.

Kungenze ngabona ukuthi njengabase-Afrika akufanele silindele lukhulu emqhudelwaneni walo nyaka.

I-Ghana ingelinye lamazwe anamandla ebholeni lase-Afrika. Kungenzeka ukuthi abakafinyeleli kwabane abahamba phambili emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba, kodwa bahlezi benamandla.

Banabadlali abahamba phambili abanjengoThomas Partey emaqenjini abo, kodwa asazi noma uzobe esekulungele yini ukudlala ngoLwezi uma kuqala umqhudelwano. Ngisho noma ekhona angeke azifanise neze nokuthandwa kukaNeymar noVinicius Jr.

Ithemba lase-Afrika lingase lilale e-Senegal. Ompetha bamanje base-Afrika bashaye i-Bolivia ngempelasonto. 

ISenegal inabadlalinabafana no-Edouard Mendy, uKalidou Koulibaly kanye noSadio Mane. Laba bangabanye babadlali abahamba phambili emhlabeni ingasaphathwa eye-Afrika.

Noma kunjalo iqiniso lisamile ukuthi amazwe ase-Europe kanye naseNingizimu yeMelika anezinsiza, futhi anamandla okuheha abadlali base-Afrika ukuthi badlalele izinhlangothi zezwe labo. Kunezizathu abasuke bephezu kwazo.

NgoLwezi umdlalo omnandi uzobe ujabulisa, kodwa njengabase-Afrika kufanele siqinise futhi singalindeli okukhulu kakhulu.

Izihloko zakamuva