Kubukeka kungekho ukuthula eqenjini le-NFP selokhu kwashona uZanele kaMagwaza Msibi

Celani Sikhakhane

Indodana kaZanele kaMagwaza Msibi ongasekho owayephethe iqembu le-National Freedom Party isingene phakathi kwezinkulumo noma kwezingxabano mayelana nohlu lwamagama abantu abazongenela ukhetho lokuba amakhansela njengoba kuza usuku lokuvotela ohulumeni bendawo.

UMelusi Gumede usolwa ngokuzama ukuthatha amandla noma isikhundla esashiywa ngunina, osanda kushona ngenyanga edlule.

UGumede ulawule uhlu lwamagama amakhansela e-NFP e-Zululand, kusho umthombo ongaphakathi eqenjini utshela i-Scrolla.Africa.

I-Scrolla.Africa itshelwe ukuthi ubudlelwane kubhidlike kakhulu ngisho abaholi beqembu basabisa ngokuyisa uGumede enkantolo, kodwa laba abasondelene naye bazamile ukungenelela ukuze banqande isimo singabhebhetheki.

“UGumede unamandla amakhulu njengoba eyindodana kaZanele owayenguMengameli weqembu. Usebenzisa lokho ukudonsa wonke umuntu ngekhala eqenjini,” kusho umthombo.

“Angeke sivumele izingane zikaZanele ongasekho ukuba ziphendule iqembu zilenze inhlangano yomndeni,” kusho umthombo.

Ilungu leqembu, elingathandanga sidalule igama lalo, uthe uGumede uzama ukulawula imali yeqembu njengoba ebekwenza nalokhu kusaphila umawakhe. 

“Laba abakade befisa ukumyisa enkantolo batshelwe ukuthi bazoxoshwa eqenjini,” kusho ilungu leqembu.

UGumede uphike zonke izinsolo, wazichaza njengento engekho futhi ephinde ibe ubuwula.

“Okokuqala, angisiye umholi weqembu futhi anginawo amandla okulawula inqubekela phambili yeqembu,” kukhuluma uGumede.

“Ngiyilungu nje elingatheni le-NFP, futhi iqembu lisebenzise indlela ejwayelekile ukukhetha amagama abantu. Ngakho-ke ngicela ukuba nifonele unobhala-jikelele, uCanaan Mdletshe, ngoba uyena ongakwazi ukuphendula,” kusho uGumede.

Unobhala-jikelele weqembu le-NFP uCanaan Mdletshe uthe ukukhathazeka ngendaba kaGumede eqenjini isilungisiwe.

“Udaba lulungisiwe futhi angicabangi ukuthi kumele kubhalwe indaba ngalo,” kusho uMdletshe etshela i-Scrolla.Afrika ngaphambi kokuba avale umakhalekhukhwini.

Izihloko zakamuva