Arthur Greene
I-Ukraine kumele izilungiselele ukuhlaselwa ngemuva kokuthi i-Russia isole amasosha ayo akhethelile ngokubulala indodakazi yomunye wabasekeli bakaPutin.
Intatheli uDaria Dugina obeneminyaka engu-29 ubulawe ibhomu emotweni ngesikhathi ihamba enkabeni yedolobha lase-Russia, i-Moscow ngoMgqibelo.
Ubaba wakhe u-Alexander Dugin ungumhlaziyi wezepolitiki omele kakhulu ubuzwe futhi ungumngane oseduze kaMengameli waseRussia uVladimir Putin.
Umngane kaDugina, u-Andrey Krasnov utshele isikhungo sabezindaba i-Tass ukuthi ubehamba ngemoto kayise i-Toyota Land Cruiser nokuthi kungenzeka ukuthi bekuhloswe ukuhlaselwa uyise.
Ngemuva kokuqhuma kwamabhomu iminwe yase-Russia ivele yakhomba e-Ukraine.
Umngane womndeni ukhiphe isitatimende egameni likaDugin ebiza ukuhlasela ngokuthi isenzo samaphekula ama-Nazi ase-Ukraine.
NgoMsombuluko uPutin ubize lokhu kuhlasela ngokuthi ubugebengu obunonya esitatimendeni esikhishwe i-Kremlin.
Uma ukuhlasela kuhlobene nempi kuzobe kungokokuqala kusukela ngoNhlolanja ukuthi kuthinte inkabayedolobha lase-Russia.
I-Ukraine nokho ikuphikile ukubandakanyeka kulokhu kuhlasela. Emsakazweni kamabonakude umeluleki kaMengameli, uVolodymyr Zelenskiy uthe “I-Ukraine ayihlangene nhlobo nalokhu ngoba ayilona izwe lobugebengu njenge-Russia, noma amaphekula.”
Izikhulu ziye zaphakamisa nokuthi i-Russia ngokwayo mhlampe iyona eyenze lokhu khona izokhomba i-Ukraine ukuze ikwazi ukuqhubeka nempi yayo.