Kubukeka ezobalekelwa abantu umrepha waseMelika

Razeen Gutta

Ibhadi likaDrake lehlele i-Barcelona njengoba lo mrepha ebheje imali engaphezulu kuka-R10 million ngemiphumela yangempelasonto wahlulwa!

Lo mrepha wase-Canada oneminyaka engu-35 ubezowina imali efinyelela ku-R50 million ukube i-El Clasico ihambe endleleni yeqembu likaXavi, njengoba ephinde wabhejela i-Arsenal ehlule i-Leeds United ngegoli elilodwa eqandeni ku-Premier League.

Bekuwusuku lwe-Real Madrid nokho ngamagoli kaKarim Benzema, uFederico Valverde noRodrygo basize i-Los Blancos yanqoba ngamagoli amathathu kwelilodwa bahlula izimbangi zabo obekungokokuqala ngqa zihlulwa kwiligi kule sizini.

Ilebuli kaDrake yokuqopha i-OSO ibivezwe ezikibheni zabadlali be-Barcelona ngesikhathi somdlalo njengoba ebegubha ukudlalwa kwezingoma zakhe ngabantu abangu-50billion ku-Spotify.

Inkolelo ye-inthanethi eyaziwa ngokuthi “i-Drake Curse” ayikwazanga ukuchithwa iqembu le-Catalan njengoba abadlali behlulwe ngokushesha ngemuva kokuzimatanisa nalesi sihlabani.

USergio Aguero we-Manchester City uthumele isithombe noDrake ngaphambi kokuhlulwa i-Tottenham Hotspur kuma-quarter final e-Uefa Champions League ka-2019.

Amaqembu ase-Europe, i-PSG ne-Arsenal nawo ahlulwe kakhulu emidlalweni kuleyo sizini ngemuva kokuthi abadlali bawo behlangane naye. Nabashayisibhakela u-Anthony Joshua noConor McGregor nabo bahlulwe ezimpini ngemuva kokuzibandakanya noDrake.

Umthombo wesithombe: @FCBarcelona

Izihloko zakamuva