Kuboshwe usomabhizinisi wase-Zim e-Sandton

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ugcine evalelwe ejele usomabhizinisi wase-Zimbabwe obesebalekele ukuboshwa iminyaka emibili.

UFrank Buyanga Sadiqi (43) uboshwe e-Michelangelo Hotel e-Sandton, eGoli.

Ubefunwa iziphathimandla zase-Zimbabwe ngamacala okuthumba, ukugebenga namanye amathathu okudelela inkantolo, kusho okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS uColonel Athlenda Mathe.

UMathe uthe i-Interpol South Africa ngosizo lwe-National Intervention Unit (NIU) igasele ehhotela elise-Sandton yabopha umsolwa.

“La macala asukela esigamekweni esenzeka ngoMbasa ngo-2020 e-Zimbabwe lapho okusolwa ukuthi umsolwa wathumba isihlobo sakhe wabaleka naso weza kuleli.”

UMathe uthe incwadi egunyaza ukuboshwa ikhishwe ngokushesha iziphathimandla zase-Zimbabwe ngemuva kwalokho i-Interpol Harare yakhipha isaziso.

USadiqi uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Randburg kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-17 kuLwezi kulo nyaka ukuze afake isicelo sebheyili.

Usagcinwe esitokisini.

Esesithombeni esingenhla: UFrank Buyanga Sadiqi

Izihloko zakamuva