Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ukaputeni wamaphoyisa oneminyaka engu-55 ubudala osebenza esiteshini i-Kraaifontein eWestern Cape uboshiwe ngamacala okuqola nokusabisa, okuqubule ukukhathazeka ngobuqotho bomthetho.
UKaputeni usolwa ngokuqala umkhankaso wokuqola umnikazi wesitolo sendawo kusukela ngoNtulikazi ngonyaka ka-2023, kusolakala ukuthi wathembisa ukuthi ibhizinisi lakhe lizohamba kahle ngaphandle kwezihibe uma ekhokhe imali eningi.
Umnikazi wesitolo okungazange adalulwe igama lakhe ukhulume ngendlela amanye amalungu e-SAPS ahlukumeza ngayo amabhizinisi endawo.
“Kuyangijabulisa ukuthi omunye wethu ube nesibindi sokubika iphoyisa elikhohlakele futhi maningi asele, amaphoyisa akwa-Saps ayizigebengu ezicashe ngomfaniswano wawo futhi okubi kakhulu ukuthi uma efika esitolo sakho ezozithathela ayakucacisela ukuthi noma singavula amacala angeke kusisize ngoba asikho ezweni lethu,” kuchaza umnikazi wesitolo.
Esinye isisulu sichaza kabanzi ngokuthi amalungu e-SAPS ayethatha kanjani iziphuzo nogwayi ngaphandle kokukhokha, okudala isimo sokwesaba nokuxhashazwa.
“Iningi labo liqale ngokufuna iziphuzo nogwayi ngenkani. Bebefika bathathe noma yini abayifunayo bahambe bengakhokhile, uma sicela imali bahlale besikhumbuza ukuthi siphila mahhala ezweni labo.”
Eveza omunye umkhuba abawenzayo, umnikazi wesitolo ugcizelele ukuthi amaphoyisa aqoqa imali yokubavikela okushiye ezinye izitolo eziphethwe abantu bakwamanye amazwe zisengozini.
“Iqiniso uukuthi akekho oyoke ayinqobe impi yokunqanda ukuqolwa kwabantu ngoba bona laba bantu okumele basivikele benza into efanayo wonke umuntu ufuna imali angayisebenzelanga njengabanikazi bezitolo bakwamanye amazwe sisenkingeni futhi akekho ozosikhipha kuyona,” kusho umnikazi wesitolo..
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uLieutenant Colonel Malcolm Pojie ukuqinisekisile ukuboshwa kukaKaputeni wathi: “Ukaputeni wamaphoyisa ubanjwe uphiko olulwa nenkohlakalo, uphenyo lokuqala luveza ukuthi iphoyisa lathola imali eshisiwe ngoNtulikazi ngonyaka ka-2023 kumnikazi wesitolo sakulendawo ukuze ibhizinisi lakhe lisebenze ngaphandle kokuphazamiseka.”
Izinsolo ziya ngokushuba njengoba kuthiwa leli phoyisa laphinde lavakashela umnikazi wesitolo ngoMfumfu ngo-2023 lafike lafuna ukukhokhelwa imali eningi ukuze liqinisekise ukuqhubeka nokusebenza kwebhizinisi.
Ebhekene nokusatshiswa umnikazi wesitolo uthathe izinyathelo ezinqala, wafaka isikhalo emaphoyiseni e-Kraaifontein, kube sekuqalwa uphenyo lobugebengu ngokumelene nephoyisa elikhohlakele.
“Ngesikhathi iphoyisa lizwa ngecala elibhekene nalo, laphindela emuva lasabisa umnikazi wesitolo ngokuthi lizolihoxisa icala lobugebengu elibekwe lona,” kusho uPojie.
Lolu daba seludluliselwe kuMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi osenqume ukuvulela leli phoyisa icala lokuqola nokusabisa, okushiya umphakathi ubhekene nemibuzo mayelana nezinga lenkohlakalo kumaphoyisa akwa-SAPS.
Lokhu kuboshwa akugcini nje ngokugqamisa isidingo esiphuthumayo sezinguquko ngaphakathi kokugcinwa komthetho kodwa futhi kukhuthaza ukubhekwa kabanzi ngobuqotho bezikhungo ezihloselwe ukuvikela nokusebenza.
Umphakathi ufuna ubulungiswa nokungafihli lutho ngethemba lokuthi kuzophela inkohlakalo ebeka engcupheni ukuphepha kwamaphoyis nokwethenjwa kwawo.