Kuboshwe uNgqongqoshe waseGhana ngemuva kokubika ubugebengu

Ungqongqoshe kahulumeni wase-Ghana uCecilia Abena Dapaah ukhalelwe amasango kasigonyela ngemuva kokuthi abike ngobugebengu obenzeke emzini wakhe.

Ngokwephepha lamacala asenkantolo uthe kuntshontshwe isamba semali ehlanganisa u-$1 million, u-€ 300,000, nama-cedi angu-350,000 ase-Ghana kanye nezimpahla zakhe ezifana nezikhwama ezibiza u-$35,000 nobucwebe obubiza inani lika-$95,000.

Lokhu kudale intukuthelo e-Ghana ikakhulukazi ngenxa yokwehla kwemali yezwe ngokushesha kanye nezinsolo zokuqongelela amadola okwenza isimo sibe sibi.

UDapaah osebambe isikhundla sokuba uNgqongqoshe wezokuthuthwa kwendle nezinsiza zamanzi iminyaka emihlanu edlule wesule esikhundleni ngoMgqibelo ezwakalisa isifiso sakhe sokungaphazamisi umsebenzi kahulumeni wathi noma yiluphi uphenyo luzofakazela ubuqotho bakhe.

Kodwa-ke, uye waboshwa waphekwa ngemibuzo ihhovisi lomshushisi okhethekile eliphethe izinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe ezikhulwini eziphezulu.

Uphenyo luveze ukuthi ukwebiwa kwempahla emzini wakhe kwenzeke ezinyangeni ezedlule futhi kuthiwa kwenziwe abasebenzi basendlini ababili abebeqashwe uNgqongqoshe.

Abasolwa abangabasebenzi basendlini nabanye abathathu abakaze baphawule ngala macala.

Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo kutholwe ukuthi abasolwa basebenzise le mali ngendlela exakile okubalwa ukuthenga izakhiwo, impahla yasendlini kanye nezimoto.

Yize kungakacaci ukuthi zonke lezi zinto zithengwe ngayiphi imali, sekuwudaba oluphenywa iziphathimandla.

UMengameli uNana Akufo-Addo uzwakalise ukubethemba ubuqotho bukaDapaah ngesikhathi sokuphatha kodwa lokhu kudumaze izishoshovu ezilwa nenkohlakalo njengoba kubonakala sengathi usheshe waphuma nesinqumo.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UCecilia Abena Dapaah

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva