Kuboshwe ungoti we-KPMG ngokweba izigidi ezibekelwe abafundi

Lubhalwe nguRorisang Modiba

ISouth Africa’s Directorate for Priority Crime Investigation edume ngeloKlebe ibophe uFidelis Moema (32) ngezinsolo zokweba izigidi zemali yenkampani yabafundi.

UMoema usolwa ngokweba, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali efinyelela ku-R16.5-million inkampani ebiyibekele umfundaze wabafundi.

Okhulumela oKlebe, uWarrant Officer Thatohatsi Mavimbela ubike ukuthi uMoema uzinikele ophikweni oluphenya ngamacala obugebengu loKlebe ISerious Commercial Crimes mhla zimbili kuMbasa.

UMoema obesebenza njengongoti kwinkampani yomfundaze i-KPMG, kusolakala ukuthi wathumela imali yomfundaze wabafundi emabhizinisini axhumene nabangani bakhe yabe seyibuyiselwa kuye leyo mali.

Kubikwa ukuthi uWarrant Mavimbela uthe lokhu kwenzeka ngo-2021 nango-2022 futhi kwaholela ekulahlekelweni okukhulu kwezimali e-KPMG, inkampani ehlinzeka ngocwaningomabhuku, intela, kanye nezinsiza zokweluleka emhlabeni jikelele.

“Imali izobe isibuyiselwa ebhange lakhe,” kusho uMavimbela.

UMavimbela uphinde waveza ukuthi le nkampani kusolakala ukuthi ilahlekelwe yimali eningi ngenxa yesenzo sikaMoema.

“I-KPMG ilahlekelwe u-R16.5 million ngenxa yezenzo zakhe zokukhwabanisa,” kusho i-IOL.

UMoema uvele okokuqala eNkantolo Yamacala Ezohwebo ePalm Ridge ngoLwesibili. Icala lakhe lihlehliselwe uLwesibili olulandelayo ngomhlaka-9 kuMbasa lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.

Osesithombeni esingenhla: UFidelis Moema.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva