Kuboshwe umsolwa odlwengule isalukazi (84)

Lungi Langa

Ugogo (84) usinde ngokulambisa ezandleni zomdlwenguli (21) ngokunyonyoba ngemuva kokuthi umhlaseli wakhe ezunywe ubuthongo.

Kusolakala ukuthi ekuseni ngeSonto umsolwa ugqekeze emzini wesalukazi osesigodini sase-Esibizana kumasipala wendawo iDr Nkosazana Dlamini-Zuma, KwaZulu-Natal.

Indodakazi yesisulu bekumele ilale nalesi salukazi ngalobu busuku, kodwa ngeshwa yanquma ukuyohlala nogogo wayo ngemuva kokuphuma nabangani.

“Ngiyazisola ngokungabuyeli ekhaya ngalobu busuku bangoMgqibelo, ngoba lokhu bekungeke kwenzeke. Lo mlisa ubengeke angene endlini adlwengule umama,” kusho indodakazi yesisulu engeke idalulwe igama itshela i-Scrolla.Africa.

Ngemuva kokudlwengula isalukazi umsolwa uye wajumeka embhedeni. Ngokusebenzisa ithuba laso isalukazi sikwazile ukubaleka endlini ngaphandle kokuvusa umhlaseli waso.

UMnu Mthobisi Dlamini oyikhansela lesigceme sesishiyagalombili, uthe ugogo uthole usizo kumakhelwane ongene egumbini lesalukazi wafica umsolwa elele ubuthongo enqunu embhedeni.

Ushayele amaphoyisa ucingo umsolwa waboshwa.

Indodakazi yesisulu ithe unina uhlukumezeke kakhulu ngalesi sigameko uze wacela umndeni wakhe ukuthi “umxubele ushevu ukuze awuphuze ashone.”

“Ngifisa sengathi ngabe nginamandla okumenza ezwe ubuhlungu abuzwise umama nomndeni wethu,” esho.

“Sikhuluma nje umama ukhala ngokuthi unezinhlungu umzimba wonke.

UDlamini uthe kube yishwa ukuthi umhlaseli akhethe ukugqekeza indodakazi yesalukazi ingekho, kodwa umphakathi awuyisoli indodakazi yesalukazi.

“Indodakazi inakekela unina kahle. Kuyishwa ukuthi ubengekho ekhaya nokuthi lo mlisa ungene wenza lokhu,” esho.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nonhlanhla Khoza, usenxuse umthetho ukuthi ungabi nazwelo kulo mlisa futhi agqunywe ejele isikhathi eside ngemuva kokwenza icala elibi kangaka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abophe umsolwa ngecala lokudlwengula kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo.

Izihloko zakamuva