Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Uphiko lwe-Harare Crime Prevention Unit elokishini laseKhayelitsha, eKapa, lubophe indoda eneminyaka engu-25 ubudala ngokukhiqiza utshwala obungekho emthethweni.
UNandipha Mntuyedwa oyisakhamuzi saseKhayelitsha utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uyaqonda ukuthi abantu benza konke okusemandleni ukunakekela imindeni yabo, kodwa akahambisani nokudayiswa kotshwala obungekho emthethweni.
“Ngiyajabula ukuthi uboshiwe. Ukudayisa utshwala bomgunyathi kuzophela kabi kubantu abathenga utshwala. Angicabangi ukuthi banazo izithako ezidingekayo ukwenza utshwala [obufanele],” kusho uNandipha.
“Besisola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngotshwala esibuphuza muva nje; ibhabhalazi ebelisiphatha belinzima kakhulu, futhi sithatha isonto lonke ukululama.”
Esinye isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa igama sishayele ihlombe obikele amaphoyisa.
“Ngicabanga ukuthi le nkinga idinga ukuthi siwumphakathi sisukume silwe. Kumele siqhubeke nokubabika ngoba izithako abazisebenzisayo kulobo tshwala bomgunyathi ziyingozi empilweni yethu futhi nebhabhalazi labo linzima,” kusho isakhamuzi.
Isakhamuzi silandisa ngesigameko lapho esithuswe khona izingubo zaso endlini ngemva kokuphuza utshwala obungekho emthethweni.
“Ngikhumbula ngikhala ngitshela abantu ukuthi kukhona omi ngemva komnyango ekamelweni lami, bangitshela ukuthi ijakhethi yami elengayo.
Sekuphele iminyaka eyisikhombisa ngiphuza, [kodwa] angikaze ngibe nebhabhalazi lapho ngesaba khona izingubo zami,” esho.
“Sifuna ukuthi labo abadayisa utshwala bomgunyathi bayeke.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uKaputeni FC Van Wyk, uthe balunywe indlebe ngomuzi oseMandela Park lapho kukhiqizwa khona utshwala obungekho emthethweni.
“Ngesikhathi efika, amaphoyisa asesha indawo ashaqa amalitha amabili otshwala obuyimigqomo eluhlaza okwesibhakabhaka, amakesi amahlanu e-Gordons [gin], amabhokisi angenalutho e-Gordon kanye nogologo we-Smirnoff ongaphezu kuka-30, imigqomo emine engenalutho eluhlaza kanye namalitha angaphezu kwayikhulu e-Gordon.”
Umsolwa uvalelwe e-Harare Police Station.
Esithombeni esingenhla: I-screenshot sevidiyo yokuboshwa.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe