Kuboshwe umsizi wasendlini nezigebengu ngelokugqekeza 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

NgoLwesibili amaphoyisa ase-Tshwane athole ucingo oluvela kowesifazane obekhungathekile. Uwatshele ukuthi ungumsebenzi wasendlini endaweni yase-Cullinan nokuthi ushaywe kabi abaphangi abantshontshe izinto eziningi zomqashi wakhe.

Kodwa amaphoyisa awazange ayithathele phezulu indaba yakhe – futhi ebenza kahle.

Umsebenzi wasendlini odabuka e-Lesotho ubeyihlelile yonke lento. Uhlele ukuthi isoka lakhe kanye nabanye abane babambe inkunzi umuzi ocebile abesebenza kuwo.

Bekuzomele bamshaye ukuze amaphoyisa engasoli lutho.

Lezi zigebengu zebe izinto zenani elilinganiselwa ku-R500 000 okubalwa kuzo izinto zikagesi zasekhishini, izingubo zokugqoka, utshwala, ama-laptop, ngisho nezibhamu zokuzingela kanye nezinhlamvu.

NgoLwesithathu, amaphoyisa ase-Cullinan ababophe abasolwa abayisithupha. Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Connie Moganedi uthe udaba lomsebenzi wasendlini (29) aluzange luzwakale ngesikhathi ephekwa ngemibuzo.

Uye walivuma icala, wabe eseyisa amaphoyisa emzini wesoka lakhe ose-Tembisa lapho ethole khona izinto eziningi ezintshontshiwe.

“Leli tulo liqale ngemuva kwesigameko sokugetshengwa kwendlu lapho umsebenzi wasendlini ebike khona ukuthi ugetshengwe ngabasolwa abangaziwa okuthiwa bafike lapho asebenza khona neloli bagqekeza indawo babaleka nempahla elinganiselwa ku-R450 000,” kusho uSayitsheni Moganedi.

Bonke abasolwa abayisithupha bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Cullinan babhekene necala lokugqekeza nokubamba inkunzi.

Esithombeni esingenhla: Ezinye zezinto ezebiwe 

Umthombo wesithombe: Saps Cullinan

Izihloko zakamuva