Uboshiwe umshayeli webhasi elibandakanyeke engozini ebulale abafundi abayisithupha esifundazweni iMpumalanga.
Usesibhedlela ugadwe ngamaphoyisa ngemuva kwezinsolo zokuthi ubalekile endaweni yesigameko.
Ingozi yenzeke ngesikhathi ibhasi, ebelihambisa abafundi beya emakhaya bephuma esikoleni lishayisa isitimela ebesihamba ku-R104.
Bangaphezu kuka-20 abafundi abasesibhedlela, abanye basesimweni esibucayi.
Abazibonele nabanye abafundi bazwakalise ukukhathazeka ngesimo sebhasi nokuziphatha komshayeli.
Kunamahlebezi okuthi kungenzeka ukuthi umshayeli ubephuzile washaya indiva izexwayiso mayelana nesitimela esisondelayo.
Indawo yengozi ibimapeketwane igcwele izincwadi zesikole, izicathulo nezikhwama kugcwele nemindeni ibheka izinto zezingane zayo.
UNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi, iMigwaqo kanye nezokuThutha eMpumalanga, uMnuz Thulasizwe Thomo, uthe imininingwane etholakele iveza ukuthi umshayeli ubebudedengu.
Umnyango usuhlola ukuphepha kwawo wonke amabhasi asetshenziselwa ukuthutha izingane zesikole.
IPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Mkhuleko Hlengwa uhambele indawo yengozi wagcizelela ukuthi uhulumeni ugxile kwezokuphepha emigwaqeni, ikakhulukazi ezokuthutha izingane zesikole.
Ubalule ukubuyekezwa komgomo wokuthuthukisa ukubambisana phakathi koMnyango wezokuThutha noweMfundo eyisiSekelo ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwabafundi.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff
Esithombeni ngenhla: Indawo yengozi yebhasi.
Umthombo: X