Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
I-Codeta ithi izothatha isinyathelo ngemuva kokuba ividiyo ikhombise izingane zigcwele enqoleni (trailer).
Uhulumeni uncoma ukuboshwa ngokushesha kobeke izimpilo zezingane engozini.
Inhlangano yamatekisi i-Cape Organisation for the Democratic Taxi Association (Codeta) ithi izobhekana nomunye wabashayeli bayo obonakale ehambisa izingane zesikole ngenqola.
Ividiyo isabalale ezinkundleni zokuxhumana. Umshayeli uboshelwe ukushayela budedengu nokubeka izimpilo zezingane engcupheni.
USihlalo weCodeta, uNceba Enge, ukuqinisekisile ukuboshwa komshayeli.
“Silungiselela ukungcwaba elinye lamalungu ethu. Sizobhekana nalolu daba ngoMsombuluko,” kusho u-Enge.
Ividiyo, eqoshwe e-Wellington, ikhombisa ikhumbi idonsa inqola egcwele abafundi.
UNgqongqoshe wezokuThutha e-Western Cape u-Isaac Sileku uncome abomthetho ngokuthatha isinyathelo ngokushesha.
“Kuyakhathaza kakhulu ukuthi noma yimuphi umshayeli angacabanga ukuthi kwamukelekile ukuthutha izingane ngaphansi kwezimo ezingaphephile,” kusho uSileku.
“Abasebenzi bethu basebenze ngokushesha, futhi siyabancoma ngokuqinisekisa ukuthi bayamubopha umshayeli. Ezokuthutha zesikole kumele zilandele imithetho yezokuphepha ukuze kuvikeleke izingane zethu.”
Ngokusho kukaSileku, abashayeli abathutha abafundi kumele babe nezimvume ezisemthethweni ngaphansi kweNational Land Transport Act. Izimoto zabo kumele zibe semgwaqeni futhi zibe nelayisensi esemthethweni.
Uhulumeni wase-Western Cape unxusa abazali ukuthi basize ngokubheka ukuthi izimoto ezisetshenziswa yizingane zabo ziphephile futhi zisemthethweni yini.
“Sizibophezele ekulandeleni imithetho yezokuphepha emgwaqeni nokuvikela bonke abantu abasebenzisa umgwaqo ikakhulukazi abafundi abancane abaya noma bebuya esikoleni,” kusho uSileku.
Umzali ocele ukungadalulwa uthe abashayeli bakhohlisa abazali.
“Uma abashayeli bezolanda izingane zethu, imoto ibonakala ingenamuntu. Siqaphela kamuva, ngamavidiyo asakazwayo, ukuthi izingane zethu ziba sengcupheni. Laba bashayeli kumele babhekane nesijeziso,” kusho umzali.
Esithombeni esingenhla: Ividiyo ekhombisa inqola egcwele izingane zesikole eWellington.
Umthombo wesithombe: Isithombe esithathwe kwividiyo