Kamogelo Olaitan
Umnikazi wendawo yokucima ukoma i-Enyobeni nabasebenzi bakhe ababili baboshiwe bathweswa icala lokudayisela izingane ezincane utshwala.
Laba abathathu baboshwe ngoMgqibelo nangoLwesibili ngokulandelana.
Ukuboshwa kwabo kuza ngemuva kokuthi i-Eastern Cape Liquor Board ivule icala lokwephula umthetho i-Liquor Act ngokudayisela izingane ezineminyaka engaphansi kuka-18 utshwala.
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uBrigadier Tembinkosi Kinana uthe umnikazi wendawo yokucima ukoma (52) uzovela eNkantolo yeMantshi yase-East London ngomhlaka-19 kuNcwaba mayelana nala macala.
Abasebenzi bakhe ababili oneminyaka engu-33 noneminyaka engu-34 banikezwe ithuba lokukhokha inhlawulo ka-R2 000 ngokwalo mthetho. Uma kwenzeka behluleka ukukhokha, kuyodingeka ukuthi bavele enkantolo kanye nomnikazi wethaveni.
UKinana uthe uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka mayelana nembangela yokushona kwezingane ezingu-21.
“Ngesikhathi esifanele nasekupheleni kophenyo imiphumela izonikezwa imindeni yezisulu. Akukho okusha okwenzekalayo okwamanje,” kusho uKinana.
UKhomishana wamaphoyisa e-Eastern Cape, uLieutenant-General Nomthetheleli Mene, unxuse imindeni nemiphakathi ukuthi ibe nesineke.
“Uphenyo luwuhlelo olude futhi ludinga ukwenziwa ngokucophelela okukhulu ukuze sikwazi ukuthola imiphumela edingekayo. Lesi isiqalo somsebenzi esiwenza ngasese,” kusho uMene.