
Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umnikazi wendawo yokucima ukoma e-Khayelitsha ubhekene necala lokuzama ukubulala ngemuva kwezinsolo zokuthi ubhunyele ikhasimende ngamanzi abilayo.
UNatash Tengeni (26) uyelulama ngemuva kokuthelwa ngamanzi abilayo.
Uthe izinkinga zakhe ziqale ngesikhathi elwa nomakhelwane womnikazi wethaveni.
“NgoMsombuluko wangesonto eledlule ngilwe nomakhelwane wakhe ngesikhathi efika nomyeni wakhe beqala ukungihlasela,” esho.
“Ngithuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi umnikazi wethaveni ethi bangishaya ngoba ngilwa emgwaqeni wabo. Akekho umuntu ongumnikazi womgwaqo. Ukuba umnikazi wendawo yokucima ukoma akumenzi umnikazi womgwaqo.”
Abangani bakaTengeni baye bamcela ukuthi ahambe nabo ethaveni ngoMgqibelo beyophuza ubhiya.
“Kodwa ngesikhathi ngithi ngihlala phansi, umuntu obethengisa endaweni yokucima ukoma uye wangicela ukuthi ngihambe,” esho.
Kuthiwa ngesikhathi uTengeni ephuma umnikazi wethaveni umthele ngamanzi abilayo esesitezi sesibili ebhilidini.
“Ubemi esitezi esiphezulu sethaveni yakhe. Ngimbone ngesikhathi ngiphakamisa amehlo,” esho.
UTengeni uphinde wabuyela endaweni yokucima ukoma eyokhombisa umnikazi wethaveni ukuthi ulimale kanjani enethemba lokuthi uzoxolisa.
Kodwa akazange axolise . Kuthiwa umnikazi wethaveni uthe: “Ubekwa yini lapha? Ufuna ngikuphinde lokhu engikwenzile kuwe? Phuma, ungaphinde ubuye lapha.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Lingelethu West uConstable Xoliswa Nyalambisa ukuqinisekisile ukuthi umnikazi wethaveni (58) uboshiwe futhi ubhekene necala lokuzama ukubulala.
Esithombeni esingenhla: UNatash Tengeni (26)
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze