Kuboshwe umnikazi wesitolo ngomakhalekhukhwini abantshontshiwe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umkhankaso odidiyelwe wuphiko lwezobunhloli obuholwa ngamaphoyisa aseMfuleni ukubhekana nezigameko zakamuva zokubanjwa kwenkunzi endaweni yamaphoyisa, ube nemiphumela emihle ngesikhathi kuboshwa abesilisa abathathu ngemuva kokutholakala nenqwaba yomakhalekhukhwini abehluleke ukuchaza ukuba babathathephi.

UZingisa Sobantu (35) ongowesifazane waseMfuleni, ujabulile ngokuboshwa komnikazi wesitolo esilungisa omakhalekhukhwini.

“Yizona zizathu ezisenza sibanjwe inkunzi. Omakhalekhukhwini bethu badayiselwa bona. Futhi yibona ababavulela omakhalekhukhwini bethu ngemuva kokuthathwa kithi,” kusho isakhamuzi.

Esinye isakhamuzi, esingathandanga ukudalulwa igama, sikholwa wukuthi uma amaphoyisa engenza imikhankaso ezitolo ezilungisa omabonakude nezinye izinto, engathola inqwaba yezimpahla ezebiwe.

“Indawo yaseMfuleni ayisafani nakuqala isishintshile nobugebengu budlange kakhulu. Besiphatha omakhalekhukhwini bethu uma siya enxanxatheleni yezitolo kodwa lokho akusekho ngoba singabanjwa inkunzi uma siya khona izigebengu ezishayela izimoto” kusho isakhamuzi.

Imoto ima eduze kwanoma ubani ophethe umakhalekhukhwini bese beyahlwithwa bekhonjwe ngesibhamu ngaphambi kokubaleka.

“Abanye bantshontsha omabonakude, bangene ezindlini zethu benze sengathi babuza indlela kanti bazontshontsha umabonakude nomakhalekhukhwini bethu. Ngamaphoyisa kuphela angakwazi ukukumisa lokhu ngokwenza le mikhankaso izinyanga zonke kuzo zonke izitolo ezikhandayo,” kusho isakhamuzi. 

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape, uWarrant Officer Joseph Swartbooi, uthe imibiko iveza ukuthi omakhalekhukhwini abaphucwa ngokubanjwa inkunzi emgwaqeni badayiselwa umnikazi wesitolo sokulungisa omakhalekhukhwini ekhoneni lomgwaqo uMfuleni Main.

“Amaphoyisa asebenzise imininingwane abenayo, aqonda ekhelini lakhe ngoLwesithathu, mhlaka-15 kuNhlaba. Ngesikhathi engena endaweni aseshe yonke indawo ashaqa nenqwaba yomakhalekhukhwini,” kusho uSwartbooi.

Umnikazi wendawo akakwazanga ukunikeza incazelo ezwakalayo yokuba ngumnikazi womakhalekhukhwini. 

 “Abesilisa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-24 no-25 baboshwe ngecala lokutholakala nempahla okucatshangwa ukuthi yebiwe,” kusho uSwartbooi.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yase-Blue Downs ngaleli cala.

Esithombeni ngenhla: Kuboshwe abasolwa abathathu okuhlanganisa nomnikazi wesitolo sokulungisa omakhalekhukhwini eMfuleni ngemuva kokutholakala nenqwaba yomakhalekhukhwini abengakwazi ukuchaza ngabo.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva