Kuboshwe umndeni ngokubulala umfana abamsola ngokudlwengula

Lubhalwe nguLungi Langa

Kuboshwe amalungu omndeni wase-Hazelmere e-Verulam ngecala lokubulala umfana osolwa ngokudlwengula umzala wakhe.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokubulawa komfana oneminyaka engu-17 ubudala obesolwa ngokudlwengula umzala wakhe oneminyaka emithathu emasontweni amabili edlule, ngokusho kukagogo wakhe.

Igama lomfana nelikagogo angeke lidalulwe ukuze kuvikelwe isisulu esidlwenguliwe.

Amalungu ayisithupha omndeni, okuhlanganisa umama womfana, unina wesisulu esidlwenguliwe namanye amalungu omndeni kulindeleke ukuba avele eNkantolo ngoLwesibili ngomhlaka-11 kuMbasa ukuze abhekane namacala ahlobene nokubulala nokuthumba umfana.

Umfana obekukholakala ukuthi ubecashile emasontweni amabili edlule ngemuva kwezinsolo zokudlwengula, kuthiwa ebesemzini wakubo kayise ngoMgqibelo ekuseni ngemuva kokuba unina eyombheka.

“Omalume bakhe bamlandile banquma ukuthi bazomjezisa ngalokhu akwenzile. Amaphoyisa abikelwe ngezigameko zokudlwengula kwakhe kanti ubezonikelwa kuwona, kodwa omalume bakhe babone kufanele ukuthi bamjezise kuqala,” kusho ugogo.

Okubuhlungu ukuthi namanye amalungu omphakathi angenele ngoba esola ukuthi ubebantshontshela bamushayawaze washona.

“Ngifisa ngabe akwenzekanga lokhu ngoba besingaqondile ukuthi abulawe. Yingakho lolu daba lubikwe emaphoyiseni kwasekuqaleni,” kusho ugogo.

Okhulumela i-Reaction Unit South Africa (Rusa) UMnu Prem Balram uthe baphendule kulesi sigameko ngemuva kokubizwa ikhansela lendawo.

Ngesikhathi befika behlola umfana bathole ukuthi useshonile “ube nokuhlukumezeka okungaqondakali ezingxenyeni ezimbalwa zomzimba wakhe.”

Uthe unina nabafowabo bamqukule bambopha ngeketango lensimbi eliboshwe ngengidi ngemuva kwalokhu umndeni wakhe ube usuqala ukumshaya.

UMnu Vusi Cele, oyilungu lomphakathi uthe umndeni ubulokhu ulinde amaphoyisa ngesikhathi amanye amalungu omphakathi abesola ukuthi uyawantshontshela bebona ukuthi uyashaywa nabo baphinde bamngenela ngenduku.

Uthe amaphoyisa athathe isikhathi eside ukumlanda nokuyikhona okuholele ekutheni nabanye bangenelele kwagcina ngokushona kwakhe.

Ikhansela lakuwadi-60, uMnu Fakazi Mdletshe lithe okubuhlungu ukuthi umphakathi unqume ukuzibambela umthetho ezandleni esikhundleni sokuthi ubambe umsolwa umnikele emaphoyiseni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe abasolwa abayisithupha ngokubulala umfana. 

Uthe umsolwa ubefunelwa icala lokudlwengula kanti ubulawe yiqulu labantu ngemuva kokufika kwamaphoyisa. 

Esithombeni esingenhla: Onogada bakwa-Reaction Unit South Africa (Rusa) bethathe isidumbu somfana okuthiwa ushawe iqulu labantu abelithukuthele ligane unwabu.

Umthombo wesithombe: I-Reaction Unit South Africa

Izihloko zakamuva