Kuboshwe umlisa ngokubulala abantu ababili eKapa 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umlisa (38) obefunelwa amacala okubulala abantu ababili kanye nelokugebenga iloli eliletha izinkwa ngoNhlaba, uboshwe esibhedlela iDelft Day, eKapa.

Ividiyo yokuhlasela eSymphony Way, eDelft iqale ukusabalala ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokwenzeka kwesigameko, ikhombisa ubuso bababulali ababili ngesikhathi bedubula umshayeli nabanye abasebenzi ababili, oyedwa wasinda. 

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uLieutenant Malcolm Pojie uthe umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBellville ngomhlaka-19 kuNhlangulana ukuze abhekane namacala okubulala, ukuzama ukubulala kanye nokuphanga esebenzisa isihluku. 

“Ngesikhathi kuqalwa uphenyo, umsolwa uhlonziwe kodwa wabalekela ukuboshwa yize besekunemikhankaso eminingi yokuthungatha umkhondo wakhe,” kusho uPojie.

Ngomhlaka-16 kuNhlangulana ithimba labaphenyi lathola imininingwane yokuthi wayesesibhedlela iDelft Day ukuze athole usizo lwezempilo ngemuva kokuhilizisana namalungu omphakathi ayemsola ngokubamba inkunzi.

“Ithimba labaphenyi livakashele esibhedlela, labona umsolwa, labe selimbopha yize ekhiphe igama elingelona iqiniso nemininingwane kubaphathi besibhedlela,” kusho uPojie.

“Abahambisana nomsolwa basazoboshwa.” 

Isithombe esingenhla: Amalambu amaphoyisa. 

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva