Lubhalwe nguRorisang Modiba
Ungaphandle ngebheyili umlingisi odumile uNkanyiso Mchunu ngemuva kokuba intombi yakhe imsole ngokushaya.
UMasechaba Monnahela uthi uNkanyiso wamshaya ngezandla nangezibhakela wamphushela phansi.
Kuboshwe umlingisi wodumo kumabonakude uNkanyiso Mchunu ngemuva kokuthi intombi yakhe, uMasechaba Monnahela, imsole ngokumshaya.
UNkanyiso waziwa kakhulu ngokulingisa i-My Brother’s Keeper, Umkhokha: The Curse nomdlalo Ithonga.
UMasechaba uthe ukuhlukunyezwa kwaqala ngemuva kokubamba omunye wesifazane emzini wakhe.
“Ngaya emzini wakhe ngathola intombazane ikhona, saxabana, yilapho-ke aqala khona ukungishaya,” kusho yena, kubika i-Sunday World.
Uphinde wathi wamphushela phansi ngosuku lwakhe lokuzalwa. “Akugcinanga lapho.
Ngosuku lwakhe lokuzalwa, wangiphusha ngase ngiwa phansi. Kusukela lapho ubengishaya ngempama ngezikhathi ezithile.”
UMasechaba uthe lona wesifazane ungumsizi kamqondisi wesibili kwiThonga, lapho kusebenza khona uNkanyiso.
Uboshwe wavela eNkantolo yeMantshi yase-Randburg. Udedelwe ngesexwayiso nebheyili ka-R1 500.
Icala lihlehliselwe umhlaka-17 kuNdasa ka-2025 ukuze amaphoyisa anikezwe isikhathi sokudingida icala.
UNkanyiso uvulele uMasechaba icala. Umsola ngokungena ngokungemthetho nokulimaza impahla yakhe.
Abantu abasondelene nalezi zithandani bathi bahlezi belwa. “Besilindele noma yini engenzeka,” kusho omunye umuntu.
Amaphoyisa asaphenya.
Imizamo yokuxhumana noNkanyiso noMasechaba ayiphumelelanga.
Ngasekuqaleni kwenyanga uNkanyiso naye ubephenywa ngokuhlukumeza.
Osesithombeni esingenhla: UNkanyiso Mchunu.
Umthombo wesithombe: Ifayela