Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa abegasela epulazini eMalmesbury, eWestern Cape ngoLwesine abophe owesilisa oneminyaka engu-32 ubudala obanjwe nensangu engabiza u-R1.3-million kanye nemishini yokuyitshala.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uLieutenant Colonel Malcolm Pojie uthe amaphoyisa athole inqwaba yensangu eyomisiwe.
“Insangu ibisilungele ukupakishwa kanti bathole nezitshalo zensangu ezingu-77 ezishaqiwe amaphoyisa,” kusho uPojie.
Iziphathimandla ziphinde zathatha nezimpahla zaselabhorethri ezisetshenziswa ukukhulisa insangu, okuhlanganisa izibani, nemishini yokuchelela kanye nama-extractor fan.
“Ukutholakala kwezidakamizwa nemishini eshaqiwe kulinganiselwa ku-R1.3 million,” kusho uPojie.
Umsolwa ubhekene namacala okudayisa nokutshala insangu ngokungemthetho kanti kulindeleke ukuthi avele okokuqala enkantolo ngala macala eNkantolo yeMantshi yaseMalmesbury ngoMsombuluko.
Isakhamuzi saseKapa uZiyanda Velem uncome umsebenzi owenziwe yilabo ababike ubugebengu kwa-SAPS.
“Ngijabule kakhulu ukuthi i-SAPS iyababopha abantu ngemuva kokuthola ulwazi kumalungu omphakathi noma ngabe ngubani obabikelayo. Izidakamizwa zidala izinkinga eziningi emiphakathini nasemindenini yethu,” kusho uVelem.
Esinye isakhamuzi, esingadalulwanga igama sithe izidakamizwa azicekeli imindeni kuphela.
“Sinezingane ezihlasela othisha esikoleni ngenxa yezidakamizwa. Abazali balalela izingane zabo ngoba besaba ukuhlaselwa yizingane eziyimilutha yezidakamizwa. Imindeni ayinakho ukuthula ngenxa yezidakamizwa.
“I-SAPS ayisoze yakwenza lokhu iyodwa. Bayabadinga abantu ngoba siyazazi izindawo abadayisa kuzo izidakamizwa,” kusho isakhamuzi.
Isithombe esingenhla: I-Western Cape ishaqe insangu yenani lika-R1.3 million. Kwaboshwa owesilisa (32) kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMalmesbury ngoMsombuluko.
Umthombo: Sithunyelwe