Everson Luhanga
Kuboshwe umfundisi wase-Zwelitsha e-Eastern Cape kanye nowesifazane abehamba naye ngecala lokudlwengula inqwaba yabesifazane nabesilisa ababesengcupheni ababeyengelwe esontweni lakhe.
Izisulu zabesifazane abahlanu nabesilisa ababili abaneminyaka ephakathi kwengama-30 abanye baneminyaka engama-32, kusolakala ukuthi bakhohliswe ababehambisana nomfundisi ukuba beze esontweni ukuze bathole ukwelashwa, amandla kanye nomthandazo.
Izisulu eziningi ezinye ziqhamuka emndenini empofu abanye begula, zathobela isithembiso sokunakwa ngumfundisi. Balandela lowo owayehamba nabo bangena ebandleni likamfundisi, nokuyilapho badlwengulwa khona ngumuntu ozibiza ngomuntu kaNkulunkulu.
Abasolwa ababili kusolwa ukuthi babophe okungenani izisulu zabo ezimbili (zabesilisa), bebaphoqa kabuhlungu ukuthi benze imisebenzi ehlukumezayo ebandleni.
Umfundisi utshele izisulu zakhe ukuthi uma zingatshela noma ngubani ukuthi wenzeni kuzo, uNkulunkulu uzozijezisa ngokusho komthombo osondelene necala.
Okhulumela oKlebe uColonel uKatlego Mogale ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe abantu ababili ngoMgqibelo, umfundisi oneminyaka engama-52 ubudala kanye nowesifazane oneminyaka engama-37 ubudala.
“Laba bobabili bathweswe icala lokushushumbisa abantu kanti bavele enkantolo yemantshi yase-Zwelitsha e-Eastern Cape ngoMsombuluko,” kusho uMogale.
UColonel Mogale uthe ithimba loKlebe eliphenya ngobugebengu obuhleliwe lathola izikhalo ngoMandulo nyakenye mayelana nokuhlukunyezwa ngokocansi kwabantu abasengozini, okuthiwa bashushumbiswe ezindaweni ezahlukene.
Uphenyo lokuvimba nokubanjwa kwabasolwa lusaqhubeka.