Dylan Bettencourt
Uboshiwe umdlali webhola lombhoxo waseNgilandi osolwa ngokudlwengula intombazanyana.
Imibiko yabezindaba iveza ukuthi lo mdlali uboshwe ngeSonto kulandela okwenzeke endaweni yobumnandi e-Manchester ngoMgqibelo ebusuku.
I-The Sun ibike ukuthi isisulu besihlele ukuhamba ngetekisi ukubuyela ekhaya nabangani baso ngaphambi kokuthi avume ukugitshezwa yilo mdlali. Ube esemyisa endaweni ekude nedolobha nokulapho lo mdlali kusolwa ukuthi udlwengulele khona umgilwa.
“Amaphoyisa abizwe ngaphambi kwehora leshumi nanye ngeSonto ngomhlaka-9 kuMasingana kwabikwa ngokuhlukunyezwa ngokocansi kowesifazane. Kubikwa ukuthi owesifazane osemusha unukubezwe ngokocansi,” kusho okhulumela amaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa wengeze ngokuthi amaphoyisa aqale uphenyo ngalolu daba.
Ngosuku olwandulela izinsolo zokudlwengulwa, owesifazane oneminyaka engu-41 ubudala naye waboshwa kuyona le ndawo yokuzijabulisa ngezinsolo zokusebenzisa into ethile ngenhloso yokudlwengula isisulu.
Abasolwa ababili badedelwe ngebheyili njengoba uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.
Umthombo wesithombe: @EnglandRugby