Dylan Bettencourt
Umdlali webhola lezinyawo odlalela i-Paris Saint-Germain u-Aminata Diallo uboshiwe ngezinsolo zokubandakanyeka ekuhlaselweni ngesihluku komunye wozakwabo, uKheira Hamraoui.
UHamraoui, odlala endaweni efanayo noDiallo, uhlaselwe amadoda amabili abezifihle ubuso ngoLwesine olwedlule ngemuva kokuhambela isidlo sasebusuku seqembu, kubika i-L’Equipe ngoLwesithathu.
“I-Paris St Germain ingakuqinisekisa ukuthi u-Aminata Diallo uvalelwe esitokisini namuhla ekuseni ngamaphoyisa esifunda sase-Versailles njengengxenye yecala elivuliwe kulandela ukuhlaselwa komunye wabadlali beqembu ngoLwesine olwedlule ebusuku,” kufundeka isitatimende seqembu.
Ngehora leshumi ebusuku amadoda amabili asondele emotweni ahudula ngendluzula indoda eneminyaka engama-31 ubudala. Kuthiwa baqale ukumshaya izingalo nemilenze ngensimbi ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko.
UHamraoui wabe eseyiswa esibhedlela lapho elashelwa khona ukulimala kwakhe. Ukhishiwe ekunqobeni kweqembu lakhe ngo 4-0 ngenkathi lidlala ne-Real Madrid kowe-Champions League ngoLwesibili ebusuku, njengoba uDiallo ebedlala indawo yakhe.
Iqembu lase-France lengeze ngokuthi basebenzisana nalo mdlali ukuqinisekisa ukuthi uphilile futhi uphephile kulandela ukuhlaselwa.
UDiallo oneminyaka engama-26 ujoyine i-PSG eminyakeni emihlanu edlule ngenkathi uzakwabo wase-France uHamraoui ejoyina iqembu okwesibili ngehlobo eledlule, ngemuva kokusuka ku-Barcelona ngesikhathi sokushitshana kwabantu ngoNtulikazi.
UHamraoui wadlalela iziqhwaga zase-France phakathi konyaka wezi-2012 nonyaka wezi-2016 ngaphambi kokuthuthela e-Barcelona lapho enqobe khona izicoco ezimbili zeligi kanye nezimbili ze-Champions League.
Umthombo wesithombe: @TheAthletic