Kuboshwe umdlali we-Everton osolwa ngokunukubeza izingane ngokocansi

Dylan Bettencourt

Kuboshwe umdlali we-English Premier League ngoLwesihlanu olwedlule ngamacala okunubekza izingane ngokocansi.

“I-Everton ingakuqinisekisa ukuthi imise umdlali weqembu njengoba kusalindwe uphenyo lwamaphoyisa,” kusho iqembu esitatimendeni.

“Iqembu lizoqhubeka nokweseka iziphathimandla ngemibuzo yazo futhi angeke lisaphawula lutho kulesi sikhathi.”

Umdlali webhola lezinyawo oneminyaka engama-31, ongeke adalulwe ukuthi ungubani, waboshwa ngamaphoyisa ase-Greater Manchester kanti usekhululwe ngebheyili.

“Amaphoyisa abophe owesilisa oneminyaka engama-31 ngoLwesihlanu mhla zi-16 kuNtulikazi ngowezi-2021 osolwa ngamacala okunukubeza izingane ngokocansi,” kufundeka isitatimende samaphoyisa.

Akusikho okokuqala ukuthi umdlali webhola lezinyawo we-Premier League aboshwe ngamacala okunukubeza izingane ngokocansi. Ngowezi-2015 u-Adam Johnson waboshwa ngamaphoyisa ase-Durham wagwetshwa iminyaka eyisithupha ejele ngowezi-2016 ngokuzibandakanya ocansini nentombazane esencane.

Lolu daba lusaqhubeka.

Umthombo wesithombe: @Eurosport

Izihloko zakamuva