Kuboshwe umdlali we-Egypt ngelo mkhonyovu

Dylan Bettencourt

Umdlali webhola uMostafa Mohamed nomngani wakhe bafunde kanzima ukuthi awukwazi ukuncelisa amawele uphinde ube sezindaweni ezimbili ngesikhathi esisodwa.

Lo mgadli wase-Egypt, odlala emqhudelwaneni  we-Afcon e-Cameroon, uboshiwe ngemuva kokuba umngani wakhe ose-Egypt embhalele izivivinyo egameni lakhe.

UMohamed wenza iziqu ze-Information Technology e-Higher Institute for Management and Information Technology e-Giza.

Isikhungo sezemfundo sihlabe umkhosi ngemuva kokuba othisha abagadayo babone igama lomgadli oneminyaka engu-24 ohlwini lwabazoba khona ezivivinyweni kodwa ese-Cameroon edlalela izwe lakhe.

Ngesikhathi amaphoyisa endawo ebopha umngani kaMohamed, uvumile ukuthi umbhalelile umngani wakhe kodwa wathi ubengakwenzi egameni lomngani wakhe, kodwa ubenzela izwe lakhe lonke umusa.

“Bengifuna ukusiza umngani wami ngekusasa lakhe, njengoba emele izwe lethu njengamanje,” kusho yena.

Laba bangani ababili kubikwa ukuthi babengomakhelwane futhi bakhule ndawonye, kodwa okunye okuvelayo ukuthi akusikho okokuqala uMohamed ethola umuntu ongambhalela izivivinyo zakhe nemisebenzi yakhe yesikole.

Yize umngani womgadli we-Galatasaray ethi ubeqala ngqa ukuzenza umngani wakhe, umthombo uthi lo mdlali useke wathola abazobhala izivivinyo zakhe izikhathi ezintathu ezedlule.

Umngani ukuqinisekisile ukuthi bavumelene ngohlelo ngaphambi kokuthi aphume ayodlala e-Cameroon.

UMohamed uyidlale yomithathu imidlalo yokuhlungela amaqoqo e-Afcon kodwa akazange alithole igoli. Manje ikusasa lakhe kulo mqhudelwano lilenga eweni kulandela lezi zindaba ezidaluliwe.

I-Egypt isingene esigabeni samaqembu angu-16 lapho izobhekana khona ne-Ivory Coast ngoLwesithathu.

Umthombo wesithombe: @BeSoccer

Scrolla World Cup Quiz