Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Owesifazane nendodana yakhe baboshelwe icala lokubulala umyeni wakhe esigodini saseMaubane, ngaseMakapanstad, esifundazweni iNorth West.
Okhulumela amaphoyisa aseNorth West, uLieutenant Colonel Amanda Funani, uthe uRefilwe Molekoa (36), nendodana yakhe, uGoitsemang Madibela, (19), baboshwe ngomhlaka-2 kuMandulo.
Bavele eNkantolo yeMantshi yaseMoretele ngoLwesithathu.
ULucas Molekoa oneminyaka engu-63 ubudala kanye nendodana yakhe angayizali babephuza futhi bebukele umdlalo webhola ngesikhathi kuqala ingxabano phakathi kwabo bobabili.
URefilwe uzame ukuyilamula le mpi kodwa ngesikhathi umyeni wakhe eqala ukwehlula indodana yakhe, kuthiwa umshaye ekhanda ngento eqinile.
UFunani uthe uLucas uwephansi, uRefilwe noGoitsemang base bemklinya ngentambo. Ngemuva kwalokho bacele usizo bethi kunesigebengu esimklinyile.
Omakhelwane babiza amaphoyisa, kwathi ngemuva kokuphonswa imibuzo, uRefilwe nendodana yakhe baboshwa.
Bobabili bazogqunywa esitokisini kuze kube kulalelwa isicelo sabo sebheyili ngomhlaka-13 kuMandulo.
UKhomishana wamaPhoyisa eNorth West, uLieutenant General Sello Kwena, uncome amaphoyisa endawo ngesinyathelo sawo esisheshayo nophenyo oluholele ekuboshweni kwalaba.
Esithombeni esingenhla: Indawo yesigameko.
Umthombo: sithunyelwe