Kuboshwe udokotela wamazinyo waseMelika ngemuva kokufaka ushevu ku-protein shake yomkakhe ngoba efuna ukuqala impilo entsha nesancinza sakhe.
UJames Craig (45) uboshwe ngeSonto ekuseni ngecala lokubulala esifundazweni sase-Colorado.
Ngokwesitatimende samaphoyisa uCraig uhlele “ukuqeda impilo yomkakhe ngokufuna izindlela zokubulala umuntu ngento engeke ibonakale, wamnikeza ushevu ohambisana nezimpawu zasesibhedlela ngoba efuna ukuqala impilo entsha nesithandwa sakhe esisha.
Kumenyezelwe ukuthi unkosikazi kadokotela wamazinyo u-Angela Craig ushonile ngeSonto, kanti amaphoyisa achaze ukushona kwakhe ” njengetulo lokubulala ebelihlelwe kahle.”
Udokotela wamazinyo uhambise unkosikazi wakhe esibhedlela ngoLwesithathu ngemuva kokuthi akhale ngesiyezi esinzima, kubika i-Insider.
Ngemuva kwesikhashana efikile esibhedlela unkosikazi wakhe uye waqala ukudlikiza ngaphambi kokuthi afakwe emishinini wokumsiza ngokuphefumula.
Abasebenzi bezokwelapha bamemezele ukuthi ubuchopho bakhe abusebenzi base bemkhipha emishinini ebimlekelela ukuphefumula ngeSonto.
Amaphoyisa endawo aqale uphenyo ngemuva kokukhathazeka kodokotela abebesola ukuthi kungenzeka udliswe ushevu.
“UJames ubaziwa ngokwenzela u-Angela i-protein shake,” kusho incwadi efungelwe.
“Kukholakala ukuthi nguyena ofakele u-Angela ushevu kwi-protein shake.”
Uphenyo luthole ama-imeyili kanye nezinto ebezibhekwa uGraig ku-internet mayelana nokuthi ungasithenga kanjani isitshalo esinobuthi ku-inthanethi kanye nokuthi kudingeka umthamo ongakanani ukubulala umuntu.
UCraig uvele okokuqala enkantolo ngoMsombuluko kanti usagqunywe esitokisini ngaphandle kwebheyili.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: I-Protein Shake