Kuboshwe udokotela mbumbulu eGoli

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kuboshwe udokotela mbumbulu esibhedlela sase-Tembisa ngoLwesibili ebusuku.

I-Scrolla.Africa sithole ukuthi owesifazane wase-Hillbrow ufike esibhedlela ezenza isiguli. “Izikhulu ziye zashaqeka ngesikhathi zibona owesifazane ongaziwa egaxe i-stethoscope entanyeni efuna ukusiza iziguli,” kusho umthombo utshela i-Scrolla.Africa.

Uthe kwenziwe uphenyo ukuze kutholakale ukuthi ungubani lona wesifazane kodwa akekho owaziyo ukuthi ungubani. “Izikhulu zimbuze imibuzo kodwa wangakwazi ukuphendula ukuthi ungubani. 

“Yilapho izikhulu zesibhedlela ezazise khona onogada base beshayela amaphoyisa ambopha.”

Uvalelwe esiteshini samaphoyisa e-Tembisa Rabasotho lapho alale khona ezitokisini zamaphoyisa ezibandayo.

Owesifazane (37) utholwe nemijovo eminingi ye-insulin kanye ne-stethoscope. 

“Kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala ukuthi lona wesifazane ungene kulesi sikhungo ezenza isiguli,” kusho umthombo.

UMnyango wezeMpilo eGoli (GDoH) usiqinisekisile lesi sigameko.

Okhulumela uMnyango uMotalatale Modiba uthe umkhohlisi wesifazane obezenza udokotela uboshwe esibhedlela i-Tembisa Provincial Tertiary ngoLwesibili ngomhlaka-18 kuNhlangulana.

“Lo ‘dokotela’ mbumbulu unikelwe emaphoyiseni walala esitokisini ubusuku bonke. Abaphathi besikhungo sebevule icala esiteshini samaphoyisa e-Rabasotho kanti umsolwa uzovela enkantolo maduze,” kusho uModiba.

UModiba uthe abantu abangenazo iziqu abazenza odokotela babeka izimpilo zabantu abangenacala engcupheni. “Kuyicala kunoma yimuphi umuntu ukuzenza ochwepheshe bezempilo engabhalisiwe kwa-Health Professions Council of South Africa,” esho.

UModiba uthe lolu daba luphenywa ngabaphathi besikhungo kanye namaphoyisa ukuze athole izimo lapho lo dokotela mbumbulu afinyelela khona esibhedlela.

“Umnyango uyaqhubeka nokuqinisa izindlela zokuvikela impilo yeziguli nabasebenzi ezikhungweni. Abasebenzi bethu kanye nomphakathi bayanxuswa ukuthi baqaphele abakhohlisi abafuna ukudicilela phansi umsebenzi wongoti bezempilo.”

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli uLieutenant-Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uzovela enkantolo maduze. 

Lesi akusona isigameko esisodwa lapho abantu abangenalwazi abazenza khona odokotela. NgoNhlolanja kulo nyaka, i-Scrolla.Africa sibike ngodokotela mbumbulu oboshwe ngamaphoyisa kaMasipala aseGoli.

Kuthiwa lo dokotela mbumbulu ubebhala izincwadi zokugula, ehlinzeka iziguli ezine-HIV imishanguzo yegciwane lengculaza kanye namaphilisi okuhushula izisu. Ngisho namaphoyisa abezifihlile athola izincwadi zokugula namaphilisi okukhipha isisu! 

Ngayo leyo nyanga kuboshwe udokotela mbumbulu wesifazane, ozibiza ngoDkt Zulu obethi usebenza esibhedlela iChris Hani Baragwanath, eGoli efuna iziguli zikhokhe u-R700 ukuze azisize.

Kuthiwa ubeze atshele iziguli ukuthi zimhlangabeze esangweni lesibhedlela ukuze azimngenise ngaphakathi ukuze zelashwe.

Uphenyo lwe-Scrolla.Africa luphinde lwathola umsolwa okuthiwa ugebenge abesifazane abaningi abezethula kubo ngokuthi unguDkt Ncube noma uDkt Chele. Kodwa lo mlisa osaboshiwe uphenywa ngokuba yiqola, ukuba nomkhonyovu kanye nokuba iqili eliqole abesifazane emkhakheni wezempilo.

Esithombeni esingenhla: Umsolwa utholakale nemijovo eminingi ye-insulin.

Umthombo wesithombe: animas.ca

Izihloko zakamuva