Kuboshwe ubaba ngemuva kokushona kwengane yakhe enamanxeba angaqondakali

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

Abasebenzi basesibhedlela babikele amaphoyisa ngemuva kokuthi ubaba ahambise indodakazi yakhe esibhedlela enezinyanga ezingu-17 inamanxeba asolisayo.

Unina wosana akakwazanga ukuyolanda ingane yakhe ngaphambi kukaKhisimusi ngenxa yokuthi wayengenayo imali yokugibela itekisi.

Amaphoyisa abophe ubaba ngemuva kokushona kwendodakazi yakhe enezinyanga ezingu-17 ngenxa yokulimala okusolisayo esibhedlela i-Ermelo Provincial.

Umsolwa ulethe ingane yakhe yentombazane esibhedlela ngehora lesine ekuseni ngoLwesine, ethi iwe embhedeni. Abasebenzi basesibhedlela babize amaphoyisa ngesikhathi bebona ukulimala kwengane.

“Ingane ilethwe esibhedlela uyise wayo ethi iwe embhedeni,” kusho okhulumela amaphoyisa uKaputeni Carla Prinsloo.

Ingane ibisivele ishonile ngesikhathi ifika esibhedlela. Odokotela bathole ukuthi intamo yengane ilimele futhi inemihuzuko esezigabeni ezihlukene zokululama.

Umama, ohlala e-Breyten, okuyindawo eqhele ngamakhilomitha angu-29 ukusuka e-Ermelo, ubengasahlali noyise wengane.

“Ingane wayishiya kuyise ukuze akwazi ukuyinakekela isikhashana, bekumele ayolanda ingane ngaphambi kukaKhisimusi, kodwa wayengenayo imali yokugibela itekisi,” kusho uPrinsloo.

Umama utshele amaphoyisa ukuthi ubaba ubengasikhokhi isondlo sengane.

Esithombeni esingenhla: I-Ermelo Provincial Hospital.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva